Waphelekezelwa nguSophatru kaPhiru waseBereya, nabaseThesalonika o-Aristarku noSekhundu, noGayu waseDerbe, noThimothewu, nabase-Asiya oThikhiku noTrofimu.
KuThithu 3:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Nxa sengithuma u-Arethema noma uThikhiku kuwe, woshesha ukuza kimi eNikopholi; ngokuba nginqumile ukuthi ngizakuhlala lapho ubusika. IsiZulu 2020 Kuyakuthi uma sengithuma u-Arethema noma uThikhiku kuwe, uphuthume uze kimi eNikhopholi, ngokuba senginqumile ukuthi ngihlale lapho ebusika. Baasraak Zulu New Testament Bible Nxa ngithuma u-Artemase kuwe noma uThikhiku, khuthala ukuza kimi eNikopholi, ngokuba nginqume ukuhlala khona ebusika. Contemporary Zulu Bible 2024 Nxa ngithuma u-Artemase kuwe noma uThikhiku, khuthala ukuza kimi eNikopholi, ngokuba nginqume ukuhlala khona ebusika. |
Waphelekezelwa nguSophatru kaPhiru waseBereya, nabaseThesalonika o-Aristarku noSekhundu, noGayu waseDerbe, noThimothewu, nabase-Asiya oThikhiku noTrofimu.
kepha ngingahle ngihlale isikhathi kini, noma ngidlulise nobusika, ukuze ningiqhube lapho ngisuka ngiya khona.
Kepha ukuba nani nazi okuqondene nami nalokhu engikwenzayo, uyakunazisa konke uThikhiku, umzalwane othandekayo nesikhonzi esikholekileyo eNkosini,
Konke okuqondene nami uyakunazisa khona uThikhiku, umzalwane othandekayo nesikhonzi esikholekileyo oyinceku kanye nami eNkosini,
Shesha ufike, kungakangeni ubusika. Bakhonza kuwe o-Evubulu, noPhude, noLinu, noKlawudiya, nabo bonke abazalwane.