Ngiyanincenga, bazalwane, ukuba niqaphele ababanga ukwahlukana nokukhubekisa, bephambene nesifundiso enafundiswa sona nina, nahlukane nabo;
KuThithu 3:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Umuntu onezifundiso ezidukisayo, eselulekwe kanye nakabili male, IsiZulu 2020 Mgweme umuntu odala ukwehlukana uma usumyale kanye nomakabili, Baasraak Zulu New Testament Bible Umuntu ongumhlubuki emva kokuyalwa kokuqala nokwesibili umlahle; Contemporary Zulu Bible 2024 Umuntu ongumhlubuki emva kokuyalwa kokuqala nokwesibili umlahle; |
Ngiyanincenga, bazalwane, ukuba niqaphele ababanga ukwahlukana nokukhubekisa, bephambene nesifundiso enafundiswa sona nina, nahlukane nabo;
Ngokuba kumelwe kube khona amaqembu phakathi kwenu ukuba abaqinisileyo phakathi kwenu babonakale.
Besengishilo ngaphambili kulabo abakade bonile nakubo bonke abanye, nakalokhu ngisho ngaphambili – ngisho manje ngingekho, njengalokho ngasho ngikhona ngokwesibili – ukuthi nxa ngifika futhi, angiyikuyekethisa.
nokukhonza izithombe, nokuthakatha, nobutha, nokulwa, nomona, nokuthukuthela, nokubanga, nokwalana, nokwahlukana,
Uma ekhona ongalaleli izwi lethu kule ncwadi, mphawuleni lowo, ningahlanganyeli naye, ukuze abe namahloni;
Kodwa siyaniyala, bazalwane, egameni leNkosi uJesu Kristu ukuba nizahlukanise nabazalwane bonke abahamba ngokungafanele, bengahambi ngomyalo eniwamukele kithina.
nabanesimo sokumesaba uNkulunkulu, kepha amandla akho bewaphika; labo-ke wobagwema.
Kepha kwavela nabaprofethi bamanga phakathi kwesizwe, njengokuba nakinina kuzakuba khona abafundisi bamanga abazakungenisa ngasese izifundiso zamanga ezibhubhisayo, bephika noMbusi owabathengayo, bezilethela ukubhujiswa okusheshayo;
Uma kufika umuntu kini engalethi lokho kufundisa, ningamamukeli endlini yenu, ningambingeleli;