baphambukile masinyane endleleni engabayala ngayo. Bazenzele ithole elibunjiweyo, balikhonza, balihlabela, bathi: ‘Nampa onkulunkulu bakho, Israyeli, abakukhuphula ezweni laseGibithe.’ ”
KumaHeberu 5:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE angabekezelela abangazi lutho nabadukayo, lokhu naye uzungeziwe ngubuthakathaka; IsiZulu 2020 ukuba babaphathe kahle labo abangazi nabadukayo, lokhu naye uhaqwe ngubuthakathaka; Baasraak Zulu New Testament Bible Ongaba nesihawu kwabangazi nakwabadukayo; ngokuba naye uqobo uzungezwe ubuthakathaka. Contemporary Zulu Bible 2024 Ongaba nesihawu kwabangazi nakwabadukayo; ngokuba naye uqobo uzungezwe ubuthakathaka. |
baphambukile masinyane endleleni engabayala ngayo. Bazenzele ithole elibunjiweyo, balikhonza, balihlabela, bathi: ‘Nampa onkulunkulu bakho, Israyeli, abakukhuphula ezweni laseGibithe.’ ”
phambukani endleleni, nichezuke emkhondweni, nimdedisele kithi oNgcwele ka-Israyeli.”
kepha mina ngikunxusele ukuba ukukholwa kwakho kungapheli; wena-ke, nxa usuphendukile, uqinise abafowenu.”
Ngonjalo ngizakuzibonga, kepha ngami uqobo angizukuzibonga, kuphela ngobuthakathaka bami.
kepha niyazi ukuthi kwaba ngenxa yobuthakathaka benyama ukuba ngishumayele ivangeli kini okokuqala,
behlwelwe emqondweni, behlukanisiwe nokuphila kukaNkulunkulu ngokungazi okukubo ngenxa yobulukhuni benhliziyo yabo,
noma kade ngingohlambalazayo, nozingelayo, nohluphayo; kodwa ngahawukelwa ngokuba ngakwenza ngokungazi, ngokungakholwa.
nenzele izinyawo zenu izindlela eziqondileyo ukuba okuqhugayo kungaphinyizeki, kepha kunalokho kuphulukiswe.
Ngakho-ke kwamfanela ukuba abe njengabafowabo kukho konke, ukuze abe ngumpristi omkhulu ohawukelayo nothembekayo kokukaNkulunkulu, kube yinhlawulo yezono zabantu.
Ngokuba asinaye umPristi omkhulu ongenakuzwelana nobuthakathaka bethu, kepha olingiwe kukho konke njengathi, engenasono.
Ngokuba umthetho umisa abantu babe ngabapristi abakhulu abanobuthakathaka, kepha izwi lesifungo elalandela umthetho limisa iNdodana epheleliswe kuze kube phakade.
kodwa kwelesibili kungena umpristi omkhulu yedwa kanye ngomnyaka, kungengaphandle kwegazi anikela ngalo ngenxa yakhe uqobo nangenxa yezono zabantu,
ngokuba beninjengezimvu ezidukileyo, kodwa manje seniphendukele kuMalusi noMbonisi wemiphefumulo yenu.
Nabahluleli ababalalelanga, ngokuba baya baphinga nabanye onkulunkulu, babakhothamela; baphambuka masinyane endleleni abahamba ngayo oyise, belalela imiyalo kaJehova; bona abenzanga njalo.