KumaHeberu 4:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba uma uJoshuwa wayebaphumuzile, wayengayikukhuluma emva kwalokhu ngolunye usuku. IsiZulu 2020 Ngokuba ukuba uJoshuwa wayebafikisile endaweni yokuphumula, wayengayukuphinda akhulume ngolunye usuku. Baasraak Zulu New Testament Bible Ngoba uba uJesu wayebaphumuzile, ubengasoze akhulume ngolunye usuku. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngoba uba uJesu wayebaphumuzile, ubengasoze akhulume ngolunye usuku. |
Waxosha abezizwe phambi kwabo; edabula izwe wababela ifa, wahlalisa izizwe zakwa-Israyeli ematendeni azo.
obaba benoJoshuwa balamukela, balingenisa ezweni lezizwe azixoshayo uNkulunkulu ebusweni bawobaba, kwaze kwaba semihleni kaDavide
ngokuba anikafiki ekuphumuleni nasefeni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona.
Kuyakuthi lapho uJehova uNkulunkulu wakho esekuphumuzile kuzo zonke izitha zakho nxazonke ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona libe yifa lakho ukuba ulidle, wesule inkumbulo ka-Amaleki phansi kwezulu; awuyikukhohlwa lokho.
UNkulunkulu esekhulumile endulo kokhokho ngabaprofethi ngamathuba amaningi nangezindlela eziningi,
uJehova aze aphumuze abafowenu njengani, nabo badle izwe uJehova uNkulunkulu wenu abanika lona, andukuba nibuyele ezweni lefa lenu aninika lona uMose inceku kaJehova ngaphesheya kweJordani ngasempumalanga, nilidle.”
Wathatha-ke uJoshuwa izwe lonke njengakho konke uJehova abekukhulumile kuMose; uJoshuwa walinika u-Israyeli libe yifa lakhe ngokwezabelo zabo nezizwe zabo. Izwe lase liphumula ekulweni.
Manje uJehova uNkulunkulu wenu ubanikile abafowenu ukuphumula njengalokho ebekhuluma kubo; ngalokho buyani, niye ematendeni enu ezweni lefa lenu aninika lona uMose inceku kaJehova ngaphesheya kweJordani.
Kwathi emva kwezinsuku eziningi, lapho uJehova esephumuzile u-Israyeli ezitheni zabo zonke nxazonke, uJoshuwa esemdala eneminyaka eminingi,