Wayesezisola uJehova ukuthi wayebenzile abantu emhlabeni, wadabuka enhliziyweni yakhe.
KumaHeberu 3:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE ngalokho nganengwa yileso sizukulwane, ngathi: ‘Bayaduka njalonjalo enhliziyweni yabo, abazazanga izindlela zami,’ IsiZulu 2020 Ngalokho-ke iminyaka engamashumi amane, nganengwa yileso sizukulwane, ngaze ngathi: ‘Bayaduka njalonjalo enhliziyweni yabo, abazange bazazi izindlela zami,’ Baasraak Zulu New Testament Bible Ngakho-ke ngaba lusizi ngaleso sizukulwane, ngathi: Bahlala beduka ezinhliziyweni zabo; futhi abazazi izindlela zami. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngakho-ke ngaba lusizi ngaleso sizukulwane, ngathi: Bahlala beduka ezinhliziyweni zabo; futhi abazazi izindlela zami. |
Wayesezisola uJehova ukuthi wayebenzile abantu emhlabeni, wadabuka enhliziyweni yakhe.
Bangabi njengawoyise, isizukulwane esiphambeneyo nesihlubukayo, isizukulwane esingaqinisanga inhliziyo yaso, nesimoya waso wawungathembekile kuNkulunkulu.
Iminyaka engamashumi amane nganengwa yileso sizukulwane, ngaze ngathi: “Bangabantu abanhliziyo zabo zidukile, abazazanga izindlela zami,”
Nalabo baduka ngewayini; ngophuzo olunamandla bayatengezela; abapristi nabaprofethi bayaduka ngophuzo olunamandla, bayatengezela ngophuzo olunamandla; bayaduka ekuboneni, bakhubeka ekwahluleleni.
Kepha bahlubuka, badabukisa uMoya wakhe oNgcwele, waphenduka isitha sabo, walwa nabo.
“Yebo, abantu bami bayiziwula, abangazi; bangabantwana abayiziphukuphuku, abanakuqonda; bahlakaniphele ukwenza okubi, kepha ukwenza okuhle kabakwazi.”
Abantu bami babuza emthini, induku yabo ibatshele, ngokuba umoya wobufebe ubadukisile, basuka phansi kukaNkulunkulu wabo ngokufeba.
Waqalaza ebabuka ngokuthukuthela, edabukile ngobulukhuni benhliziyo yabo; wayesethi kulowo muntu: “Yelula isandla.” Waselula, saphiliswa isandla sakhe.
Nanjengalokho bengakunakanga ukumazi uNkulunkulu, uNkulunkulu wabanikela engqondweni yokunganaki ukwenza okungafanele,
Kepha uma iqiniso likaNkulunkulu lavama ngamanga ami, kube yinkazimulo yakhe, ngisahlulelelwani futhi mina njengesoni na?
Ningamdabukisi uMoya oNgcwele kaNkulunkulu enabekwa uphawu ngaye kuze kube lusuku lokuhlengwa.
Xwayani, bazalwane, ukuba nakoyedwa kini kungabikho nhliziyo embi, engakholwayo, emhlubukisa kuNkulunkulu ophilayo;
Base besusa onkulunkulu babezizwe phakathi kwabo, bamkhonza uJehova; umphefumulo wakhe wakhathazeka ngokuhlupheka kwabakwa-Israyeli.