KumaHeberu 13:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Malume njalo uthando lobuzalwane. IsiZulu 2020 Uthando lobuzalwane maluqhubeke njalo. Baasraak Zulu New Testament Bible Maluqhubeke uthando lobuzalwane. Contemporary Zulu Bible 2024 Maluqhubeke uthando lobuzalwane. |
Isixuku sabakholwayo sasinhliziyonye nomphefumulo munye; akwabakho noyedwa owasho ngezimpahla zakhe ukuthi ngezakhe, kodwa bakuhlanganyela konke.
Ngokuba nina bazalwane nabizelwa ekukhululekeni. Kuphela ningakwenzi ukukhululeka kube yithuba enyameni, kepha khonzanani ngothando.
Kepha izithelo zikaMoya ziluthando, nokujabula, nokuthula, nokubekezela, nobubele, nobuvi, nokukholeka,
Ngokuba kuKristu Jesu akusizi lutho ukusoka nokungasoki, kepha kuphela ukukholwa okusebenza ngothando.
nihambe othandweni, njengalokho uKristu wanithanda, wazinikela ngenxa yethu, abe ngumnikelo nomhlatshelo, abe yiphunga elimnandi kuNkulunkulu.
Simelwe ukumbonga njalo uNkulunkulu ngani bazalwane, njengokuba kufanele, ngokuba inkolo yenu iyanda kakhulu, nothando lwenu nonke omunye komunye luyakhula,
Senihlambululile imiphefumulo yenu ngokulalela iqiniso, nize nithande abazalwane ngokungazenzisi, thandanani ngokupheleleyo omunye nomunye ngenhliziyo,
Okokugcina, manibe nhliziyonye nonke, nihawukelane, nithandane ngokwabazalwane, nibe nobubele nokuthobeka,
kunakho konke yibani nokuthandana okunganqamukiyo, ngokuba uthando lusibekela inqwaba yezono;
nasekumesabeni uNkulunkulu ukuthanda abazalwane, nasekuthandeni abazalwane uthando.
Yilo umyalo wakhe ukuba sikholwe egameni leNdodana yakhe uJesu Kristu, sithandane, njengokuba asinika umyalo.
Uma umuntu esho ukuthi: “Ngiyamthanda uNkulunkulu,” kepha ezonda umzalwane wakhe, ungumqambimanga; ngokuba ongathandi umzalwane wakhe ambonileyo angemthande uNkulunkulu angambonanga.