ngaphezu kwakho konke ukubusa, negunya, namandla, nobukhosi, namagama onke aphathwayo, kungekuleli zwe lodwa kepha nakulo elizayo;
KumaHeberu 1:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE seyaba nkulu kunezingelosi, njengalokhu igama eliyifa layo likhulu kunelazo. IsiZulu 2020 Seyaba nkulu kunezingelosi, njengoba igama eliyifa layo likhulu kunelazo. Baasraak Zulu New Testament Bible enziwe waba ngcono kakhulu kunezingelosi, njengalokho ezuze ngefa igama elihle kakhulu kunelazo. Contemporary Zulu Bible 2024 enziwe waba ngcono kakhulu kunezingelosi, njengalokho ezuze ngefa igama elihle kakhulu kunelazo. |
ngaphezu kwakho konke ukubusa, negunya, namandla, nobukhosi, namagama onke aphathwayo, kungekuleli zwe lodwa kepha nakulo elizayo;
yona iyinhloko yomzimba, ngisho ibandla, engukuqala, izibulo kwabafileyo, ukuze yona ibe ngowokuqala ezintweni zonke,
aniphe nina enihluphekayo ukuphumula kanye nathi ekwambulweni kweNkosi uJesu, evela ezulwini, enezingelosi zamandla akhe,
Uthandile ukulunga, wazonda ububi; ngalokho-ke uNkulunkulu, uNkulunkulu wakho, ukugcobile ngamafutha enjabulo ngaphezu kwabafowenu,”
Ngokuba niyazi ukuthi, nokuba ngasemuva ethanda ukudla ifa lesibusiso, waliwa, ngokuba akalitholanga ithuba lokuphenduka, noma ekufunisisa ngezinyembezi.
kodwa siyambona owenziwe waba mncinyane isikhashana kunezingelosi, uJesu, ebekiwe umqhele wenkazimulo nodumo ngenxa yokuhlupheka kokufa, ukuze ngomusa kaNkulunkulu ezwe ukufa ngenxa yabo bonke.
okhona ngakwesokunene sikaNkulunkulu esenyukele ezulwini, sekubekwe phansi kwakhe izingelosi, negunya, namandla.