Johane 1:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ekuqaleni wayekhona uLizwi, uLizwi wayekuNkulunkulu, uLizwi wayenguNkulunkulu. IsiZulu 2020 Ekuqaleni wayekhona uLizwi. ULizwi wayekuNkulunkulu, uLizwi wayenguNkulunkulu. Baasraak Zulu New Testament Bible Ekuqaleni wayekhona uLizwi, uLizwi wayekuNkulunkulu, uLizwi wayenguNkulunkulu. Contemporary Zulu Bible 2024 Ekuqaleni wayekhona uLizwi, uLizwi wayekuNkulunkulu, uLizwi wayenguNkulunkulu. |
Isihlalo sakho sobukhosi, Nkulunkulu, singesaphakade naphakade; intonga yobuqotho iyintonga yombuso wakho.
Ngalokho iNkosi uqobo iyakukunika isibonakaliso: bheka, intombi iyakukhulelwa, izale indodana, ibize igama layo ngokuthi u-Imanuweli.
Ngokuba sizalelwa umntwana, siphiwa indodana; umbuso uyakuba semahlombe akhe, negama lakhe liyakuthiwa uMluleki omangalisayo, uNkulunkulu onamandla, uYise ongunaphakade, iNkosi yokuthula.
“Bheka, intombi iyakukhulelwa, izale indodana; bayakuyiqamba igama lokuthi u-Emanuweli,” okungukuthi ngokuhunyushwa “uNkulunkulu unathi”.
ULizwi waba yinyama, wakha phakathi kwethu, sabona inkazimulo yakhe, inkazimulo njengeyozelwe yedwa kuYise, egcwele umusa neqiniso.
Akakho oke wabona uNkulunkulu; iNdodana ezelwe yodwa esesifubeni sikaYise yiyona embonakalisile.
Manje-ke ngikhazimulise wena Baba, kuwe uqobo, ngenkazimulo ebenginayo ngikuwe, izwe lingakabikho.
UJesu wathi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Engakabikho u-Abrahama, ngangikhona mina.”
abangababo okhokho avela kubo uKristu ngokwenyama, yena onguNkulunkulu ophezu kwakho konke, obongekayo kuze kube phakade. Amen.
nokubakhanyisela ukuthi luyini uhlelo lwemfihlakalo ebifihliwe kwaphakade kuNkulunkulu owadala izinto zonke,
owathi enesimo sikaNkulunkulu, akaze asho ukuthi kuyinto yokuphangwa ukulingana noNkulunkulu,
Kuvunyiwe ukuthi inkulu imfihlakalo yokukhonza uNkulunkulu yokuthi: Owabonakaliswa enyameni, walungisiswa emoyeni, wabonwa yizingelosi, washunyayelwa ezizweni, wakholeka ezweni, waphakanyiselwa enkazimulweni.
sibheke ithemba elibusisiweyo nokuvela kwenkazimulo kaNkulunkulu omkhulu noMsindisi wethu uJesu Kristu
engenayise, engenanina, engenaluzalo, engenakuqala kwezinsuku nakuphela kokuphila, kepha efaniswe neNdodana kaNkulunkulu, uhlala engumpristi njalonjalo.
USimeyoni Petru, inceku nomphostoli kaJesu Kristu, kubo abazuzile ukukholwa okuyigugu ngokufana nokwethu ngokulunga kukaNkulunkulu wethu noMsindisi uJesu Kristu:
Kepha sazi ukuthi iNdodana kaNkulunkulu isifikile, yasinika ingqondo ukuze simazi oweqiniso; sikuye oweqiniso, kuyo iNdodana yakhe uJesu Kristu. Yena unguNkulunkulu oqinisileyo nokuphila okuphakade.
lithi: “Lokhu okubonayo kulobe encwadini, ukuthumele kuwo amabandla ayisikhombisa, e-Efesu, naseSmirna, nasePhergamu, naseThiyathira, naseSardesi, naseFiladelfiya, naseLawodikeya.”
Ngathi ukumbona, ngawa ngasezinyaweni zakhe njengofileyo; wayesebeka isandla sakhe sokunene phezu kwami, ethi: “Ungesabi; mina ngingowokuqala nowokugcina,
owafakaza ngezwi likaNkulunkulu nangobufakazi bukaJesu Kristu, konke akubonayo.
“Mina ngingu-Alfa no-Omega,” kusho iNkosi uNkulunkulu, “okhona nowayekhona nozayo, uMninimandla onke.”
“Nakuyo ingelosi yebandla laseSmirna loba ukuthi: “Nakhu akushoyo owokuqala nowokugcina, owayefile kepha osephila, uthi:
Wayesethi kimi: “Sekwenzekile. Ngingu-Alfa no-Omega, ukuqala nokugcina. Owomileyo ngiyakumphuzisa ngesihle emthonjeni wamanzi okuphila.
“Nakuyo ingelosi yebandla laseLawodikeya loba ukuthi: “Nakhu akushoyo u-Amen, ufakazi othembekayo noqinisileyo, ukuqala kokudaliweyo kukaNkulunkulu, uthi: