IzEnzo 9:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha ekuhambeni kwakhe, esesondela eDamaseku, kwambaneka masinyane nxazonke ukukhanya okuvela ezulwini. IsiZulu 2020 Kepha esaqhubeka nohambo lwakhe, esesondela eDamaseku, kwabanika ngokuphazima kweso nxazonke ukukhanya okuvela ezulwini. Baasraak Zulu New Testament Bible Esahamba, wasondela eDamaseku, kwakhanya masinyane nxazonke kuye ukukhanya okuvela ezulwini. Contemporary Zulu Bible 2024 Esahamba, wasondela eDamaseku, kwakhanya masinyane nxazonke kuye ukukhanya okuvela ezulwini. |
“Kwathi ngisahamba ngisondela eDamaseku kuphakathi kwemini, kwangibaneka masinyane nxazonke ukukhanya okukhulu okwavela ezulwini,
Khona wahamba u-Ananiya, wangena endlini, wabeka izandla phezu kwakhe, wathi: “Sawulu umzalwane, iNkosi uJesu eyabonakala kuwe endleleni oze ngayo, ingithumile ukuba ubuye ubone, ugcwaliswe ngoMoya oNgcwele.”
Kodwa uBarnaba wamthatha, wamyisa kubaphostoli, wabalandisa ngokuthi uyibonile iNkosi endleleni, nokuthi ikhulumile kuye, nokuthi eDamaseku wayeshumayele ngesibindi ngegama likaJesu.
Angikhululekile na? Angisiye umphostoli na? Angimbonanga uJesu iNkosi yethu na? Nina anisiwo umsebenzi wami eNkosini na?
yena yedwa onokungafi, ehlala ekukhanyeni okungenakusondelwa kukho, ongazange abonwe muntu, nongebonwe; makube kuye udumo namandla aphakade. Amen.
Umuzi awudingi ilanga nenyanga ukuba kukhanye kuwo, ngokuba inkazimulo kaNkulunkulu iyawukhanyisa, nesibani sawo siyiWundlu.
Ubusuku abusayikuba khona; abadingi ukukhanya kwesibani nokukhanya kwelanga, ngokuba iNkosi uNkulunkulu iyakubakhanyisela; bayakubusa phakade naphakade.