Wazahlukanisa ebusuku izinceku zakhe, wabahlasela, wabanqoba, wabaxosha, waze wafika eHoba elingasenyakatho kwaseDamaseku.
IzEnzo 9:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE wacela kuye izincwadi zokuya eDamaseku emasinagogeni,* kuze kuthi uma efumana abantu baleyo Ndlela, abesilisa nabesifazane, abayise eJerusalema beboshiwe. IsiZulu 2020 wacela kuye izincwadi zokuya eDamaseku emasinagogeni, ukuze kuthi uma efumana abantu baleyo Ndlela, abesilisa nabesifazane, abayise eJerusalema beboshiwe. Baasraak Zulu New Testament Bible wacela kuye izincwadi zokuya eDamaseku eziya emasinagogeni, ukuze kuthi uma ethola abanye baleyo Ndlela, abesilisa noma abesifazane, abalethe eJerusalema beboshiwe. Contemporary Zulu Bible 2024 wacela kuye izincwadi zokuya eDamaseku eziya emasinagogeni, ukuze kuthi uma ethola abanye baleyo Ndlela, abesilisa noma abesifazane, abalethe eJerusalema beboshiwe. |
Wazahlukanisa ebusuku izinceku zakhe, wabahlasela, wabanqoba, wabaxosha, waze wafika eHoba elingasenyakatho kwaseDamaseku.
Isiprofetho ngeDamaseku. “IDamaseku liyakususwa, lingabe lisaba ngumuzi, libe yinxiwa nencithakalo
NgeDamaseku. “IHamati ne-Aripadi kujabhile, ngokuba kuzwile imibiko emibi, kuphela amandla. Kuyahlupheka njengolwandle, akunakuthula.
“Kepha xwayani abantu, ngokuba bayakunikhaphela emiphakathini, banishaye emasinagogeni* abo.
UJesu wathi kuye: “Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami.
Yena wayefundisiwe indlela yeNkosi; evutha emoyeni wakhuluma, wafundisa ngesineke izindaba eziqondene noJesu, azi ukubhapathiza kukaJohane kuphela;
Kepha ngaleso sikhathi kwavela isiphithiphithi esingesincane maqondana naleyo Ndlela.
Kepha lapho abathile bezenza lukhuni bengalaleli, bekhuluma kabi ngaleyo Ndlela phambi kwabantu, wasuka kubo, waqembula abafundi, washumayela imihla ngemihla esikoleni sikaTiranu.
Kepha ngiyavuma lokhu kuwe ukuthi ngeNdlela abathi iyihlelo ngiyamkhonza ngokunjalo uNkulunkulu wawobaba, ngikholwa yikho konke okulotshiwe emthethweni nakubaprofethi;
Kepha uFeliksi ekwazi ngokuchachileyo okwaleyo Ndlela wabahlehlisa ethi: “Lapho uLisiya induna yenkulungwane esewukile, ngizakuyinquma indaba yenu,”
lokho ngase ngikwenza-ke eJerusalema; mina ngabafaka abaningi kwabangcwele ematilongweni, ngiwatholile amandla kubapristi abakhulu, nalapho bebulawa ngabalahla ngevoti* lami.
Kwase kusuka abanye besinagoge* elithiwa elabaLibertino, nabaseKhurene, nabase-Aleksandriya, nabavela eKhilikhiya nase-Asiya, baphikisana noStefanu;
Yona yasiphatha ngobuqili isizwe sakithi, yabahlupha obaba ngokubalahlisa izingane zabo zingaphili.
nalapha unamandla avela kubapristi abakhulu okubopha bonke abakhuleka egameni lakho.”
Kepha bamangala bonke abezwayo, bathi: “Lo asiye yini owachitha eJerusalema abakhuleka kulelo gama, nalapha uze ngalokhu ukuba abaqhube beboshiwe kubapristi abakhulu na?”
futhi angenyukelanga eJerusalema kubona ababe ngabaphostoli ngaphambi kwami, kodwa ngamuka ngaya e-Arabiya, ngaphinda ngabuyela eDamaseku.