UJehova wathi ku-Abrama: “Phuma ezweni lakini, nasezihlotsheni zakho, nasendlini kayihlo, uye ezweni engiyakukukhombisa lona.
IzEnzo 7:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE wathi kuye: ‘Phuma ezweni lakini nasezihlotsheni zakho, uye ezweni engizakukukhombisa lona.’ IsiZulu 2020 wathi kuye: ‘Phuma ezweni lakini nasezihlotsheni zakho, uye ezweni engizakukhombisa lona.’ Baasraak Zulu New Testament Bible Wathi kuye: “Phuma ezweni lakini nasezihlotsheni zakho, uye ezweni engiyakukukhombisa lona. Contemporary Zulu Bible 2024 Wathi kuye: “Phuma ezweni lakini nasezihlotsheni zakho, uye ezweni engiyakukukhombisa lona. |
UJehova wathi ku-Abrama: “Phuma ezweni lakini, nasezihlotsheni zakho, nasendlini kayihlo, uye ezweni engiyakukukhombisa lona.
Wayesethi kuye: “NginguJehova owakuphumisa e-Uri lamaKaledi ukuba ngikunike leli zwe libe yifa lakho.”
Kwathi mhla uNkulunkulu engiphumisa endlini kababa, ngathi kuye: ‘Yilo umusa ozakungenzela wona: ezindaweni zonke esiyakufika kuzo, yisho ngami ukuthi: “Ungumnewethu.” ’ ”
wafumana inhliziyo yakhe ithembekile phambi kwakho, wenza isivumelwano naye ukunika inzalo yakhe izwe lamaKhanani, nelamaHeti, nelama-Amori, nelamaPherizi, nelamaJebusi, nelamaGirigashi, wawafeza amazwi akho, ngokuba ulungile.
“Othanda uyise nonina kunami kangifanele; nothanda indodana noma indodakazi kunami kangifanele;
Kunjalo-ke yilowo nalowo kini ongavalelisi nakho konke anakho angebe ngumfundi wami.
“Khona waphuma ezweni lamaKaledi, waya wakha eHarana. Kwathi esefile uyise, uNkulunkulu wamsusa lapho, wamhlalisa kuleli zwe enakhe kulo nina manje.
“Ngakho-ke phumani phakathi kwabo, nahlukane nabo, isho iNkosi; ningathinti okungcolileyo; khona ngiyakunamukela,
Ngokukholwa u-Abrahama walalela ebizwa ukuba aphume aye endaweni abezakuyamukeliswa ibe yifa lakhe; waphuma engazi lapho eya khona.
Ngamthatha uyihlo u-Abrahama ngaphesheya koMfula,* ngamhambisa ezweni lonke laseKhanani, ngayandisa inzalo yakhe, ngamupha u-Isaka.