Amanzi andisisa impela emhlabeni; zasitshekelwa zonke izintaba eziphakemeyo eziphansi kwezulu lonke.
IzEnzo 4:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Ayikho insindiso ngomunye, ngokuba alikho futhi elinye igama phansi kwezulu elinikiwe ebantwini, esimelwe ukusindiswa ngalo.” IsiZulu 2020 “Ayikho insindiso ngomunye, ngokuba alikho elinye igama phansi kwezulu elinikiwe ebantwini, esimelwe ukusindiswa ngalo.” Baasraak Zulu New Testament Bible Ayikho insindiso ngomunye, ngokuba alikho elinye igama phansi kwezulu elinikiwe ebantwini, esimelwe ukusindiswa ngalo. Contemporary Zulu Bible 2024 Ayikho insindiso ngomunye, ngokuba alikho elinye igama phansi kwezulu elinikiwe ebantwini, esimelwe ukusindiswa ngalo. |
Amanzi andisisa impela emhlabeni; zasitshekelwa zonke izintaba eziphakemeyo eziphansi kwezulu lonke.
Igama lakho ngiyakulenza likhunjulwe ezizukulwaneni zonke; ngakho-ke izizwe ziyakukubonga kuze kube phakade naphakade.
Uzakuzala indodana, uyiqambe igama lokuthi uJesu, ngokuba nguye oyakusindisa abantu bakhe ezonweni zabo.”
kushunyayelwe egameni lakhe ukuphenduka, kube ngukuthethelelwa kwezono ezizweni zonke, kuqalwe eJerusalema.
UJesu wathi kuye: “Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami.
Okholwa yiNdodana unokuphila okuphakade; kepha ongakholwa yiNdodana kayikubona ukuphila, kodwa intukuthelo kaNkulunkulu ihlezi phezu kwakhe.”
“Madoda, bazalwane, madodana ohlanga luka-Abrahama, nabaphakathi kwenu abamesabayo uNkulunkulu, izwi lale nsindiso lithunyelwe kithi.
Kepha kwakukhona abaJuda abakhile eJerusalema, amadoda akholwayo, evela ezizweni zonke eziphansi kwezulu;
Ngokuba akakho ongabeka esinye isisekelo, kuphela leso esibekiweyo, esinguJesu Kristu.
uma kambe nihlala ekukholweni, nisekeliwe nigxilile, ningagudluzwa ethembeni levangeli enalizwayo, elashunyayelwa kukho konke okudaliweyo okuphansi kwezulu, engenziwa isikhonzi salo mina Pawulu.
Bhekani, ningamali okhulumayo; ngokuba uma bengaphunyukanga labo ababemala lowo owabaxwayisa emhlabeni, kakhulu asiyikuphunyuka thina esimfulathelayo oxwayisa esezulwini,
thina siyakuphunyuka kanjani, uma sidebesela ukusindiswa okungaka na? – okwakhulunywa kuqala ngeNkosi, kwaqiniswa kithina yilabo abamuzwayo,
Uma ekhona ongafunyaniswanga elotshiwe encwadini yokuphila, waphonswa echibini lomlilo.