Uprofetheleni egameni likaJehova ukuthi: ‘Le ndlu iyakuba njengeShilo, nalo muzi uyakuchithwa kungabe kusaba khona owuhlalayo,’ na?” Bonke abantu babebuthene kuJeremiya endlini kaJehova.
IzEnzo 3:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Esabambelele koPetru noJohane, bonke abantu bagijimela kubo emphemeni othiwa okaSolomoni, besaba kakhulu. IsiZulu 2020 Isabambelele kuPhethro noJohane, bonke abantu bagijimela kubo emphemeni okuthiwa okaSolomoni, beshaqeke kakhulu. Baasraak Zulu New Testament Bible Kwathi isinyonga esisilisiweyo sibambe oPetru noJohane, abantu bonke bagijimela kubo kanyekanye ekhulusini elithiwa elikaSolomoni, bemangele kakhulu. Contemporary Zulu Bible 2024 Kwathi isinyonga esisilisiweyo sibambe oPetru noJohane, abantu bonke bagijimela kubo kanyekanye ekhulusini elithiwa elikaSolomoni, bemangele kakhulu. |
Uprofetheleni egameni likaJehova ukuthi: ‘Le ndlu iyakuba njengeShilo, nalo muzi uyakuchithwa kungabe kusaba khona owuhlalayo,’ na?” Bonke abantu babebuthene kuJeremiya endlini kaJehova.
Wathuma oPetru noJohane, wathi: “Hambani niye ukusilungisela iphasika ukuba sidle.”
Kepha indoda okuphume kuyo amademoni yamnxusa ukuba ibe naye; kodwa wayimukisa, ethi:
kwathi kuzwakele lowo mdumo, uquqaba lwabuthana, lwaphithiza, ngokuba kwaba yilowo nalowo wabezwa bekhuluma ngolimi lwakubo.
Khona uPetru ebona lokho wathatha wathi kubantu: “Madoda akwa-Israyeli, nimangalelani ngalona, nisigqolozelelani ngokungathi simenze ukuba ahambe ngawethu amandla nangokwethu ukukholwa na?
Kwathi ukuba abone oPetru noJohane bezakungena ethempelini, wacela ukwabelwa isipho.
Kwenziwa izimangaliso nezibonakaliso eziningi ebantwini ngezandla zabaphostoli; bonke babe nhliziyonye besemphemeni kaSolomoni.