Kukhona into emahlula uJehova na? Ngalesi sikhathi emva komnyaka ngiyakubuyela kuwe, uSara abe nendodana.”
IzEnzo 26:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kungani kube yinto engakholekile kini ukuthi uNkulunkulu uvusa abafileyo na? IsiZulu 2020 Kungani kuyinsumansumane kini ukuthi uNkulunkulu uyabavusa abafileyo na? Baasraak Zulu New Testament Bible Kungani kucatshangwa ukuthi yinto engakholeki kini, ukuthi uNkulunkulu uvusa abafileyo na? Contemporary Zulu Bible 2024 Kungani kucatshangwa ukuthi yinto engakholeki kini, ukuthi uNkulunkulu uvusa abafileyo na? |
Kukhona into emahlula uJehova na? Ngalesi sikhathi emva komnyaka ngiyakubuyela kuwe, uSara abe nendodana.”
Kepha kwathi uPawulu azi ukuthi enye inxenye yabo ingabaSadusi nenye ingabaFarisi, wamemeza emphakathini, wathi: “Madoda, bazalwane, ngingumFarisi mina, ngiyindodana yabaFarisi; ngimangalelwa ngethemba nangokuvuka kwabafileyo.”
kodwa babe nokuphikisana okuthile naye ngenkolo yakubo nangomuntu othile, uJesu, owafayo, asho ngaye uPawulu ukuthi uyaphila.
Phaphamani ngokufaneleyo, ningoni; ngokuba abanye kabamazi uNkulunkulu; ngisho lokhu ukuba nibe namahloni.
oyakuguqula isimo somzimba wethu wokuthotshiswa, ufane nomzimba wakhe wenkazimulo, ngamandla angazihlelela ngawo konke phansi kwakhe.