IzEnzo 26:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE lokho ngase ngikwenza-ke eJerusalema; mina ngabafaka abaningi kwabangcwele ematilongweni, ngiwatholile amandla kubapristi abakhulu, nalapho bebulawa ngabalahla ngevoti* lami. IsiZulu 2020 Lokho ngakwenza eJerusalema, ngafaka abaningi abangcwele emajele, ngigunyazwe ngabaphristi abakhulu; nalapho abangcwele bebulawa yimi engangibalahla ngevoti lami. Baasraak Zulu New Testament Bible lokho nami ngakwenza eJerusalema; abaningi kwabangcwele ngabavalela etilongweni, ngithole amandla kubapristi abakhulu; futhi lapho bebulawa, ngazwakalisa izwi lami ngokumelene nabo. Contemporary Zulu Bible 2024 Lokho nami ngakwenza eJerusalema; abaningi kwabangcwele ngabavalela etilongweni, ngithole amandla kubapristi abakhulu; futhi lapho bebulawa, ngazwakalisa izwi lami ngokumelene nabo. |
bamkhiphela ngaphandle komuzi, bamkhanda ngamatshe. Ofakazi babeka izingubo zabo ngasezinyaweni zensizwa egama layo linguSawulu.
Kepha uSawulu wayevumelene nabo ngokubulawa kwakhe. Ngalolo suku kwavela ukuzingelwa okukhulu kwebandla laseJerusalema; bahlakazeka bonke emazweni aseJudiya naseSamariya; kwasala abaphostoli bodwa.
Kepha uSawulu walichitha ibandla, engena ezindlini ngezindlu, ehudula abesilisa nabesifazane, wabafaka etilongweni.
Kepha bamangala bonke abezwayo, bathi: “Lo asiye yini owachitha eJerusalema abakhuleka kulelo gama, nalapha uze ngalokhu ukuba abaqhube beboshiwe kubapristi abakhulu na?”
Esefikile eJerusalema wazama ukuzihlanganisa nabafundi; kepha bonke bamesaba, bengakholwa ukuthi ungumfundi.
Yena wambamba ngesandla, wamsukumisa. Wayesebiza abangcwele nabafelokazi, wambeka phambi kwabo ephilile.
Ngokuba mina ngingomncinyane kubaphostoli, engingafanele ukuthiwa umphostoli, ngokuba ngazingela ibandla likaNkulunkulu.
Nizwile phela lokhu ngenkambo yami yakuqala ebuJudeni ukuthi ngalizingela kakhulu ibandla likaNkulunkulu, ngalichitha,
UPawulu, umphostoli kaKristu Jesu ngentando kaNkulunkulu, kubo abangcwele abase-Efesu nakubo abakholwa nguKristu Jesu:
Ngase ngibona owesifazane edakiwe yigazi labangcwele negazi lawofakazi bakaJesu. Kuthe lapho ngimbona, ngamangala ngokumangala okukhulu.