Ngokuba bazithathele amadodakazi abo, bona namadodana abo, kuze kuthi inzalo engcwele isixubene nabantu bezizwe; izandla zezikhulu nababusi yizona ebeziphambili kuleso siphambeko.”
IzEnzo 16:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Khona wehlela eDerbe naseListra. Bheka, kwakukhona lapho umfundi othile, nguThimothewu igama lakhe, indodana yowesifazane wakwaJuda okholiweyo, kepha uyise wayengumGreki, IsiZulu 2020 UPawula wahamba waze wafika eDerbe naseListra. Lapho kwakukhona umfundi othile, igama lakhe kunguThimothewu, indodana yowesifazane okholwayo wakwaJuda, kodwa uyise wayengumGriki, Baasraak Zulu New Testament Bible Khona wafika eDerbe naseListra; bheka, kwakukhona lapho umfundi othile, uThimothewu igama lakhe, indodana yowesifazane ongumJuda okholiweyo; kepha uyise wayengumGreki. Contemporary Zulu Bible 2024 Khona wafika eDerbe naseListra; bheka, kwakukhona lapho umfundi othile, uThimothewu igama lakhe, indodana yowesifazane ongumJuda okholiweyo; kepha uyise wayengumGreki. |
Ngokuba bazithathele amadodakazi abo, bona namadodana abo, kuze kuthi inzalo engcwele isixubene nabantu bezizwe; izandla zezikhulu nababusi yizona ebeziphambili kuleso siphambeko.”
Kwathi e-Ikoniyu bangena kanyekanye esinagogeni* labaJuda, bakhuluma kwaze kwakholwa isixuku esikhulu sabaJuda namaGreki.
Sebelishumayele ivangeli kulowo muzi, bezuzile abafundi abaningi, babuyela eListra, nase-Ikoniyu, nase-Antiyokiya,
bathi sebekwazi lokho, babalekela emizini yaseLikawoniya, iListra neDerbe, nasezweni langakhona,
Khona abazalwane bamukisa masinyane uPawulu ukuba aze afike elwandle; kepha oSila noThimothewu basala khona.
Kepha sebefikile oSila noThimothewu behla eMakedoniya, uPawulu wakhathalela izwi, wafakaza kubaJuda ukuthi uJesu unguKristu.
Wayesethumela eMakedoniya ababili kwabamkhonzayo oThimothewu no-Erastu; yena uqobo wasala isikhathi e-Asiya.
Uyakhonza kini uThimothewu, isisebenzi kanye nami, noLukiyu, noJasoni, noSosiphatru, izihlobo zami.
Kepha nxa kufika uThimothewu, anobheka ukuba ahlale kini engenalo uvalo, ngokuba usebenza umsebenzi weNkosi njengami;
Ngalokho-ke ngithumele kini uThimothewu ongumntanami othandekayo nothembekayo eNkosini, oyakunikhumbuza ngokuhamba kwami okukuKristu, njengokuba ngifundisa ezindaweni zonke emabandleni onke.
Ngokuba indoda engakholwayo ingcwelisiwe ngomfazi, nomfazi ongakholwayo ungcwelisiwe ngomzalwane. Uma kungenjalo, abantwana benu ngabe bangcolile; kepha kalokhu bangcwele.
UPawulu, umphostoli kaKristu Jesu ngentando kaNkulunkulu, noThimothewu umzalwane kulo ibandla likaNkulunkulu eliseKorinte nakubo abangcwele bonke abakulo lonke lase-Akhaya:
Ngokuba iNdodana kaNkulunkulu uKristu Jesu owashunyayelwa kini yithina, mina, noSilvanu, noThimothewu, wayengesiye uyebo kanye noqhabo, kepha kuyena kunguyebo.
OPawulu noThimothewu, izinceku zikaKristu Jesu, kubo bonke abangcwele kuKristu Jesu abaseFilipi, kanye nababonisi namadiyakoni:*
Kepha ngiyethemba eNkosini uJesu ukuthuma uThimothewu kini masinyane, ukuze nami ngename nxa sengazi izindaba zenu.
UPawulu, umphostoli kaKristu Jesu ngentando kaNkulunkulu, noThimothewu umzalwane
OPawulu, noSilvanu, noThimothewu kulo ibandla labaseThesalonika elikuNkulunkulu uBaba, naseNkosini uJesu Kristu: Makube kini umusa nokuthula.
sathuma uThimothewu umzalwane wethu, isikhonzi sikaNkulunkulu evangelini likaKristu, ukuba aniqinise, anivuse maqondana nokukholwa kwenu
Kepha kalokhu uThimothewu esefikile kithi evela kini, esibikela izindaba ezinhle zokukholwa nothando lwenu, nokuthi nisikhumbula kahle njalo, nokuthi nilangazelela ukusibona, njengokuba nathi silangazelela ukubona nina,
OPawulu, noSilvanu, noThimothewu kulo ibandla labaseThesalonika elikuNkulunkulu, uBaba wethu, naseNkosini uJesu Kristu:
Lo myalo ngiwuthwesa wena mntanami Thimothewu njengeziprofetho ezandulelayo ngawe, ukuze ulwe ukulwa okuhle ngazo,
kuThimothewu, umntanami ngesiminya ekukholweni: Makube kuwe umusa, nesihawu, nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba nakuKristu Jesu iNkosi yethu.
kuThimothewu, umntwana othandekayo: Makube kuwe umusa, nobubele, nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba nakuKristu Jesu iNkosi yethu.
ngikhunjuzwe ukukholwa okungenakuzenzisa okukuwe, okwahlala kuqala kunyokokhulu uLowisi nakunyoko uYunisi, yebo, ngiyethemba, nakuwena.
nokuzingelwa, nezinhlupheko ezangehlela e-Antiyokiya nase-Ikoniyu naseListra; ukuzingelwa okunje ngakhuthazela kukho, kepha iNkosi yangikhulula kukho konke.
UPawulu, isiboshwa sikaKristu Jesu, noThimothewu umzalwane kuFilemoni, isithandwa sethu nesisebenzi kanye nathi,
Yazini ukuthi umfowethu uThimothewu ukhululiwe; uma efika masinyane, ngiyakunibona sinaye.