wabeka izandla zakhe phezu kwakhe, wamnika isikhundla, njengalokho uJehova ekhulumile ngesandla sikaMose.
IzEnzo 13:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Khona bazila ukudla bakhuleka, babeka izandla phezu kwabo, babamukisa. IsiZulu 2020 Sebezilile ukudla, bakhuleka, bababeka izandla, babamukisa. Baasraak Zulu New Testament Bible Sebezila ukudla bakhuleka, babeka izandla phezu kwabo, babamukisa. Contemporary Zulu Bible 2024 Sebezila ukudla bakhuleka, babeka izandla phezu kwabo, babamukisa. |
wabeka izandla zakhe phezu kwakhe, wamnika isikhundla, njengalokho uJehova ekhulumile ngesandla sikaMose.
engumfelokazi waze waba neminyaka engamashumi ayisishiyagalombili nane, engasuki ethempelini, ekhonza ngokuzila nangokukhuleka ubusuku nemini.
Base bekhuleka bethi: “Wena Nkosi, owazi izinhliziyo zabantu bonke, ake ukhombe omunye kulaba ababili omkhethileyo
Kwathi bekhonza iNkosi, bezila, uMoya oNgcwele wathi: “Ngahlukaniseleni oBarnaba noSawulu ukuba baye emsebenzini engibabizele wona.”
Bona-ke bethunyiwe nguMoya oNgcwele behlela eSelukiya; basuka lapho, baya eKhupro ngomkhumbi.
Sebebakhethele amalunga amabandla ngamabandla, bakhuleka bezila ukudla, babanikela eNkosini asebekholwa yiyo.
Basuka lapho ngomkhumbi, baya e-Antiyokiya, lapho babenikelwe khona emseni kaNkulunkulu kulowo msebenzi asebewufezile.
Kepha uPawulu wazikhethela uSila, wahamba enikelwe ngabazalwane emseni weNkosi.
Khona wahamba u-Ananiya, wangena endlini, wabeka izandla phezu kwakhe, wathi: “Sawulu umzalwane, iNkosi uJesu eyabonakala kuwe endleleni oze ngayo, ingithumile ukuba ubuye ubone, ugcwaliswe ngoMoya oNgcwele.”
Bayakushumayela kanjani, uma bengathunywa na? Njengokulotshiweyo ukuthi: “Yeka, zinhle izinyawo zabashumayela izindaba ezinhle.”
Ungasidebeseli isiphiwo esikuwe, owasiphiwa ngezwi lokuprofetha nangokubekwa izandla ngamalunga.
Ungasheshi ubeke izandla noma kubani, futhi ungahlanganyeli izono zabanye, uzigcine ube mhlophe.
Ngaleso sizathu ngiyakukhumbuza ukuba uvuse isipho somusa sikaNkulunkulu esikhona kuwe ngokubeka izandla zami.
lokho okuzwileyo kimi phambi kofakazi abaningi, lokho-ke kubeke kubantu abathembekileyo abazakuba namandla okufundisa nabanye.
abafakazele uthando lwakho phambi kwebandla; uzakwenza kahle, uma ubaphelekezela ngokufanele uNkulunkulu;
Ngalokho-ke thina sifanele ukubamukela abanjalo, ukuze sibe yizisebenzi zeqiniso kanye nabo.