IzEnzo 10:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Thuma-ke amadoda eJopha, ubize uSimoni othile othiwa uPetru; IsiZulu 2020 Ngakho-ke thumela amadoda eJopha, ayobiza uSimoni othile, okuthiwa nguPhethro; Baasraak Zulu New Testament Bible Manje thuma amadoda eJopha, ubize uSimoni othiwa futhi uPetru; Contemporary Zulu Bible 2024 Manje thuma amadoda eJopha, ubize uSimoni othiwa futhi uPetru; |
Wamyisa kuJesu; uJesu wambheka wathi: “Wena unguSimoni kaJona; uzakubizwa ngokuthi uKhefase,” okuhunyushwa ngokuthi uPetru.
Ngakho thumela eJopha, ubize uSimoni othiwa uPetru; yena ungenisile endlini kaSimoni umshuki ngaselwandle.’
Sebephikisene kakhulu, wasukuma uPetru, wathi kubo: “Madoda, bazalwane, niyazi ukuthi sekukade uNkulunkulu wakhetha phakathi kwenu ukuba abezizwe bezwe izwi levangeli ngomlomo wami, bakholwe.
Kwabonakala kuPawulu umbono ebusuku; indoda ethile yaseMakedoniya eyayimi imncenga yathi: “Welela eMakedoniya, usisize.”
EJopha kwakukhona umfundikazi othile ogama lakhe linguThabitha, okungukuthi uDorka ngokuhunyushwa; yena wayenemisebenzi eminingi emihle nokwabela abampofu izipho.
Kepha iLida laliseduze neJopha; ngakho-ke abafundi sebezwile ukuthi uPetru ukhona lapho, bathuma kuye amadoda amabili emncenga ethi: “Ungalibali ukuza kithi.”