Base bethi kuye: “Thina zinceku zakho ziyizelamani eziyishumi nambili, amadodana andodanye ezweni laseKhanani; bheka, encane ikubaba manje, enye ayisekho.”
IsiLilo 5:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Obaba bona abasekho; thina sithwala ububi babo. IsiZulu 2020 Okhokho bethu benza okubi, manje abasekho, kodwa sekuyithi esesithweswe ububi babo. Contemporary Zulu Bible 2024 Okhokho bethu bonile futhi abasekho; sathwala ububi babo. |
Base bethi kuye: “Thina zinceku zakho ziyizelamani eziyishumi nambili, amadodana andodanye ezweni laseKhanani; bheka, encane ikubaba manje, enye ayisekho.”
UJakobe uyise wayesethi kubo: “Niyangaphuca abantwana bami; uJosefa akasekho, noSimeyoni kasekho; senizakuthatha noBenjamini; kuphezu kwami konke lokhu.”
Awuthetheleli ngani isiphambeko sami, ususe isono sami, na? Ngokuba manje ngiyakulala phansi othulini; uyakungifunisisa, kepha angiyikubakho.”
ungazikhothameli, ungazikhonzi, ngokuba mina Jehova uNkulunkulu wakho nginguNkulunkulu onomhawu, ngihambela ububi bawoyise kubantwana kuso isizukulwane sesithathu nesesine sabangizondayo,
Usuyakusho kubo ukuthi: ‘Ngenxa yokuba oyihlo bangishiyile,’ usho uJehova, ‘balandela abanye onkulunkulu, babakhonza, bakhuleka kubo, bangishiya, abagcinanga umthetho wami,
nani nenza okubi kunawoyihlo, ngokuba bhekani, niyalandela, kube yilowo nalowo inkani yenhliziyo yakhe embi, ningangilaleli,
Usho kanje uJehova, uthi: “Izwi liyezwakala eRama, ukulila nokukhala okumunyu, uRaheli ekhalela abantwana bakhe; uyala ukududuzwa ngabantwana bakhe, ngokuba abasekho.”
“Ngalezo zinsuku abasayikusho ukuthi: “ ‘Oyise badlile izithelo zomvini ezimuncu, amazinyo abantwana aba bushelezi.’
“Kuyini kini ukuba nilinganise ngalesi saga ezweni lakwa-Israyeli sokuthi: “ ‘Oyise badlile izithelo zomvini ezimuncu, amazinyo abantwana aba bushelezi,’ na?
‘UJehova uyephuza ukuthukuthela, uvame umusa, uthethelela ububi neziphambeko, angayekeli nokho onecala, kepha ahambele ububi bawoyise kubantwana, kuze kube sezizukulwaneni sesithathu nesesine.’