Wayesethi u-Abrahama encekwini enkulu yendlu yakhe eyayibusa konke anakho: “Beka isandla sakho phansi kwethanga lami.
IsiLilo 5:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Sinike isandla sethu kulo iGibithe nakulo i-Asiriya ukuba sisuthe isinkwa. IsiZulu 2020 Sizinikele kwabaseGibhithe nakwabase-Asiriya, ukuze sithole isinkwa, sisuthe. Contemporary Zulu Bible 2024 Sanika isandla sabaseGibithe nakuma-Asiriya ukuba sisuthe ngesinkwa. |
Wayesethi u-Abrahama encekwini enkulu yendlu yakhe eyayibusa konke anakho: “Beka isandla sakho phansi kwethanga lami.
Esesukile khona wafumana uJehonadaba indodana kaRekabi eza ukumhlangabeza; wambingelela, wathi kuye: “Inhliziyo yakho ilungelene nenhliziyo yami njengeyami ilungelene neyakho na?” Wathi uJehonadaba: “Yebo.” Wathi uJehu: “Uma kunjalo, nginike isandla sakho.” Wamnika isandla sakhe, wamkhwelisa enqoleni yakhe.
Waya kuMoloki uphethe amafutha, wawandisa amakha akho; wathumela kude izithunywa zakho, wazehlisela nasendaweni yabafileyo.
Manje unani endleleni eya eGibithe ukuba uphuze amanzi aseSihori, na? Unani endleleni eya e-Asiriya ukuba uwaphuze amanzi omfula na?
Usheshelani kangaka ukuyiguqula indlela yakho na? Uyakujabha nangeGibithe, njengalokho wajabhiswa yi-Asiriya.
Memezani kulo nxazonke; lizinikele, izisekelo zalo ziwile, izingange zalo zidiliziwe, ngokuba kuyimpindiselo kaJehova; phindiselani kulo, nenze kulo njengokwenza kwalo.
Amehlo ethu ayaphela ukubheka usizo lwethu oluyize; ekulindeni kwethu silindela isizwe esingenakusindisa.
Ngokuba udelele isifungo ngokusaphula isivumelwano, wakwenza konke lokhu, noma enikile isithembiso sakhe; bheka, kayikuphunyuka.
U-Efrayimi uyadla umoya, ulandela umoya wasempumalanga; uyandisa imihla yonke amanga nencithakalo; benza isivumelwano ne-Asiriya, namafutha ayiswa eGibithe.
“Lapho u-Efrayimi abona isifo sakhe noJuda isilonda sakhe, u-Efrayimi waya e-Asiriya, wathumela enkosini uJarebi; kepha ingeniphulukise, ayinakusipholisa isilonda senu.
“U-Efrayimi unjengejuba elidukiswayo lingenangqondo; bayabiza iGibithe, baya e-Asiriya.
Abayikuhlala ezweni likaJehova; u-Efrayimi uyakubuyela eGibithe, nase-Asiriya bayakudla okungcolileyo.