IsiLilo 5:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ifa lethu seliphendulelwe abafokazi, nezindlu zethu kwabezizwe. IsiZulu 2020 Ifa lethu seliphendulwe laba ngelabafokazi, izindlu zethu zaba ngezabezizwe. Contemporary Zulu Bible 2024 Ifa lethu selidlulele kwabafokazi, izindlu zethu kwabafokazi. |
Izwe lakini liyihlane, imizi yenu ishisiwe ngomlilo, umhlabathi wenu udliwa ngabafokazi phambi kwenu, kuyihlane njengokuchitha kwabafokazi.
Amawundlu ayakuklaba njengasemadlelweni awo, nasezincithakalweni zabacebileyo kuyakuklaba amazinyane.
Abantu bakho abangcwele balidla ifa isikhashana nje; izitha zethu zinyathele phansi indlu yakho engcwele.
Uyakuyeka ngokwakho ifa lakho engakunika lona, ngikwenze ukuba ukhonze izitha zakho ezweni ongalaziyo, ngokuba niphembile umlilo olakeni lwami oyakuvutha kuze kube phakade.”
Izindlu zabo ziyakunikelwa kwabanye, amasimu abo nawomkabo kanyekanye, ngokuba ngiyakwelulela isandla sami kwabakhileyo ezweni,” usho uJehova.
Ngiyakukunikela esandleni sabafokazi, kudliwe, nakwababi bomhlaba, kube yimpango, bakungcolise.
Ngiyakuletha izizwe ezimbi kakhulu, zidle izindlu zabo, ngiqede ukuzidla kwabanamandla, izindawo zabo ezingcwele zingcoliswe.
“Ngokuba bahlwanyele umoya, bayakuvuna isivunguvungu; izele alinahlumela, alivezi impuphu; uma liyiveza, iyakuqedwa ngabafokazi.
U-Israyeli uyagwinywa; manje sebephakathi kwabezizwe njengesitsha okungekho intokozo kuso.
Ingcebo yabo iyakuba yimpango, nezindlu zabo incithakalo; bayakwakha izindlu, kepha abayikuhlala kuzo, batshale izivini, bangaliphuzi kodwa iwayini lazo.