IsiLilo 5:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Umqhele uwile ekhanda lethu. Maye kithina, ngokuba sonile! IsiZulu 2020 Umqhele uwile ekhanda lethu. Maye, kithi, ngokuba sonile! Contemporary Zulu Bible 2024 Umqhele uwile emakhanda ethu; maye kithina ukuthi sonile! |
Uchithile isivumelwano senceku yakho, wadumaza umqhele wayo, wawuphonsa emhlabathini.
Ngokuba ingcebo ayiyikuhlala kuze kube phakade; umqhele uyahlala izizukulwane ngezizukulwane na?
Ngokuba iJerusalema likhubekile, noJuda uwile, lokhu izilimi zabo nezenzo zabo ziphambene noJehova ukucunula amehlo enkazimulo yakhe.
Yisho kuyo inkosi nakuyo indlovukazi ukuthi: “Hlalani phansi ngokuzithoba, ngokuba izigqoko zenu ziwile phansi, umqhele wodumo lwenu.”
Awuzenzeli lokhu wena ngokushiya kwakho uJehova uNkulunkulu wakho, lapho ekuhola endleleni, na?
Ububi bakho buyakukulaya, nokuhlehla kwakho kuyakukusola; yazi, ubone ukuthi kuyinto embi nebabayo yokuthi umhlubukile uJehova uNkulunkulu wakho nokuthi ukungesaba akukho kuwe,” isho iNkosi uJehova Sebawoti.
bangena balidla, kepha kabalilalelanga izwi lakho, abahambanga emthethweni wakho, abenzanga lutho lwakho konke owabayala ngakho ukuba bakwenze; ngalokho ubehlisele konke lokhu okubi.
“Ukuhamba kwakho nezenzo zakho kukwenzele lokhu; lokhu kuyingozi yakho ngokuba imunyu; ifinyelele enhliziyweni yakho.”
Yeka ukuhlala kodwa komuzi owawunabantu abaningi! Usungumfelokazi owawunezizwe eziningi. Owawuyinkosikazi phakathi kwezifunda usungobuswayo.
“UJehova ulungile, ngokuba ngihlubukile izwi lakhe. Ake nizwe, bantu bonke, nibone ubuhlungu bami. Izintombi zami nezinsizwa zami ziye ekuthunjweni.
“Bheka, Jehova, ngokuba nginosizi; izibilini zami ziyaxhaphazela. Inhliziyo yami iphendukile phakathi kwami, ngokuba ngihlubukile nokuhlubuka. Endle yinkemba eyaphucayo, ekhaya ngukufa.
IJerusalema lalonile kakhulu; ngalokho seliyisinengiso; bonke ababelidumisa sebelidelela ngokuba bebone ubunqunu balo; seliyabubula nalo, libuyela emuva.
Yeka ukwembesa kweNkosi indodakazi yaseSiyoni amafu ngentukuthelo yayo. Uphonsile ubuhle buka-Israyeli emhlabeni busuke ezulwini, angasikhumbulanga isenabelo sezinyawo zayo ngosuku lwentukuthelo yayo.
Kungenxa yezono zabaprofethi balo nobubi babapristi balo ababechitha igazi labalungileyo phakathi kwalo.
isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Susa isigqoko, wethule umqhele; lokhu akuyikuba yikho; phakamisa okuthobekileyo, uthobise okuphakemeyo.
Ungesabi lokho ozakuhlupheka ngakho. Bheka, uSathane uzakuphonsa abanye kini etilongweni ukuba nilingwe, futhi niyakuhlupheka izinsuku eziyishumi. Thembeka kuze kube sekufeni, ngokunika umqhele wokuphila.
“Ngiyeza masinyane; bambisisa lokho onakho, ukuze kungabikho muntu okwamuka umqhele wakho.
Babuthana eMispa, bakha amanzi, bawathulula phambi kukaJehova, bazila ngalolo suku, bathi khona: “Sonile kuJehova.” USamuweli wahlulela abantwana bakwa-Israyeli eMispa.