IsiLilo 4:21 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Jabula, uthokoze, ndodakazi yakwa-Edomi, ohlala ezweni lase-Uzi. Indebe iyakudlulela nakuwena; uyakudakwa, uzenze nqunu. IsiZulu 2020 Jabula, uthokoze wena ndodakazi, yakwa-Edomi, wena ohlala e-Uzi, kodwa le ndebe izokwedlulela nakuwe, uzodakwa, uzihlubule, ube nqunu. Contemporary Zulu Bible 2024 Jabula, ujabule, ndodakazi yakwa-Edomi, ohlala ezweni lakithi; nendebe iyakudlula kuwe; uzodakwa futhi ube nqunu. |
Ngokuba uJehova wathobisa uJuda ngenxa ka-Ahazi inkosi yakwa-Israyeli, ngokuba wayedlubulundile kwaJuda, waphambuka nokuphambuka kuJehova.
Kwakukhona umuntu ezweni lase-Uzi ogama lakhe lalinguJobe; lowo muntu wayengenasici elungile, wayemesaba uNkulunkulu, wabalekela okubi.
Khumbula, Jehova, usuku lweJerusalema, ngenxa yabantwana bakwa-Edomi abathi: “Dilizani, dilizani, kuze kube sesisekelweni salo.”
Thokoza, nsizwa, ebusheni bakho, inhliziyo yakho ikuphe ukwenama emihleni yobunsizwa bakho, uhambe ngezindlela zenhliziyo yakho njengokubona kwamehlo akho, kepha yazi ukuthi ngakho konke lokho uNkulunkulu uyakukungenisa ekwahlulelweni.
Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: “Bheka, labo okwakungesibo okwabo ukuphuza indebe bayakuyiphuza nokuyiphuza; ubuyakuba ngongenacala na? Awuyikuba ngongenacala, ngokuba uyakuyiphuza nokuyiphuza.
Ngo-Edomi. Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Akusekho ukuhlakanipha eThemani na? Amasu aphelile kwabaqondileyo, ukuhlakanipha kwabo kunyamalele, na?
Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngokuba ushaye ihlombe, wadubhuza ngezinyawo, wathokozela izwe lakwa-Israyeli ngawo onke amafundululu akho emphefumulweni,
“Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: ‘Ngenxa yokuba oMowabi noSeyiri besho ukuthi: “Bheka, indlu yakwaJuda injengazo zonke izizwe,”
“Ndodana yomuntu, ngenxa yokuba iTire lishilo ngeJerusalema ukuthi: ‘Ashila; laphukile ebe liyisango labantu; seliphendukele kimi; ngiyakugcwala lapho selichithekile,’
Usho kanje uJehova, uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zakwa-Edomi, yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka, ngokuba wamxosha umfowabo ngenkemba, walahla isihe sakhe, wagcina ulaka lwakhe, wayilondoloza intukuthelo yakhe.
Umbono ka-Obadiya. Isho kanje iNkosi uJehova ngo-Edomi, ithi: Sizwile imibiko evela kuJehova, kuthunyiwe isithunywa phakathi kwabezizwe ngokuthi: “Vukani, simvukele ngokulwa.”
Dlulani nina enakhileyo eShafiri ngobunqunu nangehlazo; abakhe eSawanani abaphumi; ukukhala kwaseBeti Eseli akunivumeli ukuhlala khona.
Uyakusuthiswa ngehlazo esikhundleni senkazimulo, uphuze nawe, wambule ijwabu, indebe yesandla sokunene sikaJehova siphendulelwe kuwe, kube yihlazo phezu kodumo lwakho.
Bheka, ngiyeza njengesela; ubusisiwe olindayo, alonde izingubo zakhe ukuba angabi ngohamba ze, baze balibone ihlazo lakhe.