Bheka, ngikhala ngithi: ‘Ngubudlova!’ Kepha angiphendulwa; ngicela ukusizwa, kodwa akukho ukwahlulelwa.
IsiLilo 3:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Nalapho ngikhala ngicela ukusindiswa, uyavalela umkhuleko wami. IsiZulu 2020 Nalapho ngikhala ngicela usizo, akawunakanga umkhuleko wami. Contemporary Zulu Bible 2024 Noma ngimemeza ngimemeza, akawuvali umkhuleko wami. |
Bheka, ngikhala ngithi: ‘Ngubudlova!’ Kepha angiphendulwa; ngicela ukusizwa, kodwa akukho ukwahlulelwa.
Nkulunkulu wami, ngikhala emini, kepha awuphenduli, nasebusuku, ngingabi nakuthula.
Jehova Nkulunkulu Sebawoti, koze kube nini uthunqela ngolaka umkhuleko wabantu bakho na?
Ngiyakukuncenga kuze kube nini, Jehova, ungezwa, ngikhala ngendluzula, ungasindisi, na?
Kepha ngehora lesishiyagalolunye uJesu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Eli, Eli, lama sabaktani?” okungukuthi: “Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na?”
Ngokuba yilowo nalowo ocelayo uyamukeliswa, nofunayo uyafumana, nongqongqothayo uyakuvulelwa.