Bheka ukuhlala kwabo nokuvuka kwabo; ngihaywa yibo.
Noma behleli noma bemile, ngiyihubo labo lokukloloda.
Bukani ukuthi bahlala kanjani phansi nokuthi basukuma kanjani; Mina ngiwumculo wabo.
“Manje sengihaywa yibo, yebo, sengiyisaga sabo.
Uyakwazi ukuhlala kwami nokuvuka kwami, uqonda umcabango wami ukude.
Kodwa mina, umkhuleko wami ukuwe Jehova esikhathini sokuzwelwa, Nkulunkulu; ngenxa yomusa wakho omkhulu ngiphendule eqinisweni lensindiso yakho.
Sengingohlekwayo kubantu bonke, ngihaywa usuku lonke.