Uvalile indlela yami ukuze ngingabi nakudlula; ubeka ubumnyama emikhondweni yami.
IsiLilo 3:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ungakhele, wangihaqa ngenyongo nangokushikashikeka. IsiZulu 2020 Wakhe udonga, wangibiyela ngobuthi nobunzima. Contemporary Zulu Bible 2024 Wangakhela phezu kwami wangihaqa ngenyongo nosizi. |
Uvalile indlela yami ukuze ngingabi nakudlula; ubeka ubumnyama emikhondweni yami.
Ngalokho usho kanje uJehova Sebawoti ngabaprofethi, uthi: “Bheka, ngiyakubanika ukuba badle umhlonyane, baphuze amanzi enyongo, ngokuba ukungabi naNkulunkulu kuphume kubaprofethi, kwaya ezweni lonke.”
“Sihlalelani na? Buthanani, singene emizini ebiyelweyo, sibhubhe khona, ngokuba uJehova uNkulunkulu wethu usibhubhisile, wasiphuzisa amanzi enyongo, ngokuba sonile kuJehova.
Ngalokho usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Bheka, ngiyakubanika laba bantu ukuba badle umhlonyane, baphuze amanzi enyongo.
“Kepha nxa nibona iJerusalema lihaqiwe yizimpi, yazini ukuthi sekusondele ukuchithwa kwalo.