IsiLilo 3:43 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wazembesa ulaka, wasixosha, wabulala, ungahawukelanga. IsiZulu 2020 “Uzembese ngolaka, wasixosha, wabulala, awaze waba naluzwelo. Contemporary Zulu Bible 2024 Wasimboza ngolaka, wasihlupha; Ubulele, awuzange ubonise umusa. |
UJehova wenzile lokhu abekucebile; uligcwalisile izwi lakhe, ayeyale ngalo ezinsukwini zasendulo; ubhidlizile engenasihawu, wenza ukuba isitha sithokoze phezu kwakho, waphakamisa uphondo lwabamelene nawe.
“Balele phansi ezitaladini, abasha nabadala. Izintombi zami nezinsizwa zami ziwile ngenkemba. Wababulala ngosuku lwentukuthelo yakho, wabulala ungahawukelanga.
Uyakubaxosha ngentukuthelo, ubabhubhise, bangabe besaba khona phansi kwezulu likaJehova.
Iso lami aliyikuhawukela, ngingabi nabubele, ngehlisele phezu kwakho njengezindlela zakho, izinengiso zakho zibe phakathi kwakho, nazi ukuthi mina Jehova ngiyashaya.
Ngalokho ngiyakusebenza ngokufutheka; iso lami aliyikubahawukela, ngingabi nabubele; noma bememeza ezindlebeni zami ngezwi elikhulu, angiyikubezwa.”
Nami-ke, iso lami aliyikubahawukela, ngingabi nabubele, kepha ngiyakwehlisela indlela yabo phezu kwekhanda labo.”