IsiLilo 3:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ugugisile inyama yami nesikhumba sami, waphula amathambo ami. IsiZulu 2020 Ugugise inyama yami nesikhumba sami; wephula amathambo ami. Contemporary Zulu Bible 2024 Ugugisile inyama yami nesikhumba sami; waphula amathambo ami. |
Ngichithiwe njengamanzi; onke amathambo ami enyele; inhliziyo yami injengengcina, incibilikile phakathi kwezibilini zami.
Ngakhala kwaze kwaba sekuseni; njengengonyama uyaphula onke amathambo ami; kusukela emini kuze kube sebusuku uyangiqeda.
“U-Israyeli uyimvu ezingelwayo; izingonyama zimxoshile. Kuqala wadliwa yinkosi yase-Asiriya, nangasemuva uNebukadinesari lo, inkosi yaseBabele, ugedlile amathambo akhe.”