USomandla singemqonde; mkhulu ngamandla nangokwahlulela; ngokulunga kwakhe okukhulu akoni lutho.
IsiLilo 3:33 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba akahluphi, angadabukisi abantwana babantu ngenxa yokuba ekuthanda. IsiZulu 2020 Ngokuba akuveli enhliziyweni yayo ukuhlupha, nokudabukisa abantwana babantu. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngoba ucindezela abantwana babantu ngokuzithandela langosizi. |
USomandla singemqonde; mkhulu ngamandla nangokwahlulela; ngokulunga kwakhe okukhulu akoni lutho.
Ngokuba uJehova uyakusukuma njengasentabeni yasePherasimi, athukuthele njengasesigodini saseGibeyoni, ukuze enze umsebenzi wakhe, umsebenzi wakhe ongavamile, afeze isenzo sakhe, isenzo sakhe esimangalisayo.
Ngokuba angenameli ukufa kofayo, isho iNkosi uJehova; ngalokho buyani, niphile.”
Yisho kubo, uthi: ‘Kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, angithokozi ngokufa komubi, kuphela ngokubuya komubi endleleni yakhe aze aphile. Buyani, buyani ezindleleni zenu ezimbi; niyakufelani nina ndlu yakwa-Israyeli na?’