Bangikhamisela imilomo yabo, bangimukula esihlathini ngenhlamba, bangihlanganyela.
IsiLilo 3:30 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Makanike isihlathi sakhe komshayayo, asuthe ngenhlamba. IsiZulu 2020 Makamnike isihlathi ommukulayo, asuthe inhlamba. Contemporary Zulu Bible 2024 Unika isihlathi sakhe komshayayo; ugcwele ihlazo. |
Bangikhamisela imilomo yabo, bangimukula esihlathini ngenhlamba, bangihlanganyela.
Ukuthukwa kuyaphulile inhliziyo yami, ngigula kakhulu; bengibheka ukuhawukelwa, kepha akwabakho, nabaduduzayo, kepha angibatholanga.
Ngokuba ukushisekela indlu yakho kungidlile; izithuko zabakuthukayo zingehlele.
Nganika abashayi umhlane, nezihlathi zami kubo abahluthula isilevu; angibusithelisanga ubuso bami ekuhlazisweni nasekufelweni amathe.
Buthana ngamaviyo, ndodakazi yamaviyo; usivimbezele, bayakumshaya umahluleli wakwa-Israyeli ngenduku esihlathini.
Kepha mina ngithi kini: Ningamelani nokubi, kodwa uma umuntu ekumukula esihlathini sokunene, mphendulele nesinye.
Okushaya esihlathini, mnike nesinye; nokwaphuca ingubo, ungamnqabeli nebhantshi.
ngokuba niyabekezela, uma umuntu enenza izigqila, uma enidla, uma enibamba, uma ezikhukhumeza, uma enishaya ebusweni.