Ngangihlezi kahle, wangichoboza; wangibamba ngentamo, wangiphahlaza; wangimisa ngibe yisigcibisholo.
IsiLilo 3:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Impela uyangiphendulela isandla sakhe ephinda njalo zonke izinsuku. IsiZulu 2020 Ungishaye ephindelela ubusuku nemini, engenqabela ukuba ngisondele kuye. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngempela, ungijikele; ungiphendulela usuku lonke isandla sakhe. |
Ngangihlezi kahle, wangichoboza; wangibamba ngentamo, wangiphahlaza; wangimisa ngibe yisigcibisholo.
Ngihawukeleni, ngihawukeleni, nina bangane bami, ngokuba isandla sikaNkulunkulu singithintile.
uma ngiphakamisele intandane isandla sami, ngokuba ngabona usizo lwami esangweni,
Ngokuba imicibisholo kaSomandla ikimi; isihlungu sayo siphuzwa ngumoya wami; izesabiso zikaNkulunkulu ziyangehlela.
ngibuyisele isandla sami kuwe, ngicwengisise impela amanyela akho, ngisuse lonke ithini* lakho,
Ngalokho intukuthelo kaJehova iyavuthela isizwe sakhe; welulela isandla sakhe kuso, uyasishaya; izintaba ziyathuthumela, nezidumbu zabo ziyimfucumfucu phakathi ezitaladini; kukho konke lokhu intukuthelo yakhe ayibuyi, isandla sakhe siseluliwe.
Kepha bahlubuka, badabukisa uMoya wakhe oNgcwele, waphenduka isitha sabo, walwa nabo.
uJehova angamthetheleli, kepha intukuthelo kaJehova nomhawu wakhe kumvuthele lowo muntu, kuze kuthi zonke iziqalekiso ezilotshwe kule ncwadi zibe phezu kwakhe, uJehova alesule igama lakhe phansi kwezulu.