IsiLilo 3:25 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJehova muhle kwabamethembayo, kumphefumulo omfunayo. IsiZulu 2020 USimakade muhle kulowo omlindelayo, kulowo omfunayo. Contemporary Zulu Bible 2024 UNkulunkulu unguJehova kwabamthembayo, umphefumulo omfunayo. |
“Wena Solomoni, ndodana yami, yazi uNkulunkulu kayihlo, umkhonze ngenhliziyo epheleleyo nangenhliziyo ethokozayo, ngokuba uJehova uhlola izinhliziyo zonke, uqonda zonke izizindlo zemicabango; uma umfuna, uyakufunyanwa nguye; kepha uma umshiya, uyakukulahla kuze kube phakade.
waphuma ukuhlangabeza u-Asa, wathi kuye: “Ngizweni, Asa, noJuda wonke, noBenjamini, uJehova unani, uma ninaye; uma nimfuna, uyakufunyanwa yinina; kepha uma nimshiya, uyakunishiya nani.
Nokho kufunyaniswa kuwe nezinto ezinhle, ngokuba ususile o-Ashera* ezweni, wabhekisa inhliziyo yakho ukuba ifune uNkulunkulu.”
bonke ababebhekisa izinhliziyo zabo ukufuna uNkulunkulu, uJehova uNkulunkulu wawoyise, noma kungenjengokuhlanjululwa kwendlu engcwele.”
Emisebenzini yonke ayiqalayo enkonzweni yendlu kaNkulunkulu, nasemthethweni, nasemiyalweni, ukuba afune uNkulunkulu wakhe, wakwenza ngayo yonke inhliziyo yakhe, waphumelela.
Ngokuba nganginamahloni ukucela enkosini impi nabamahhashi ukuba basisize ezitheni zasendleleni, ngokuba sasikhulumile enkosini, sathi: “Isandla sikaNkulunkulu wethu siphezu kwabo bonke abamfunayo ukuba kube kuhle, kepha amandla akhe nentukuthelo yakhe kuphezu kwabo bonke abamshiyayo.”
Zibongeni egameni lakhe elingcwele; mazithokoze izinhliziyo zabamfunayo uJehova.
Abamnene bayakudla, basuthe; abafuna uJehova bayakumdumisa; inhliziyo yenu mayiphile kuze kube phakade.
Kuwena othi: “Funani ubuso bami,” inhliziyo yami ithi: “Ubuso bakho, Jehova, ngiyabufuna.”
Lindela uJehova, ulonde indlela yakhe; uzakukuphakamisa, udle ifa lomhlaba, ubukele lapho ababi bechithwa khona.
Thula phambi kukaJehova, ulindele yena; ungakhathazeki ngonenhlanhla endleleni yakhe, ngomuntu osongoza amacebo amabi.
Ngokuba wena Nkulunkulu uzizwile izithembiso zami, wabanika ifa abalesaba igama lakho.
Kuyakuthi abayizivi bekubona, bajabule; nina enifuna uNkulunkulu, inhliziyo yenu mayiphile.
Kuyakuthiwa ngalolo suku: “Bheka, lo unguNkulunkulu wethu; simhlalele, uyakusisindisa; lo unguJehova; simhlalele; siyakujabula, sithokoze ngensindiso yakhe.”
Ngomphefumulo wami ngikulangazelela ebusuku, yebo, ngomoya wami ophakathi kwami ngiyakufunisisa, ngokuba lapho izahlulelo zakho zisemhlabeni, abakhileyo bezwe bafunda ukulunga.
Ngalokho uJehova uyakulindela ukuba abe nomusa kini; nangalokhu uyakuphakama ukuba abe nesihe kini, ngokuba uJehova unguNkulunkulu wokwahlulela; babusisiwe bonke abamhlalelayo.
kepha abamethembayo uJehova bayathola amandla amasha, bayakhuphuka ngamaphiko njengezinkozi, bagijime bengakhathali, bahambe bengapheli amandla.
Kusukela endulo abantu abezwanga, abacoshanga nangendlebe, futhi iso alibonanga uNkulunkulu ngaphandle kwakho osebenzela omhlalelayo.
Zihlwanyeleleni ngokulunga, niyakuvuna ngomusa; qathani umqatho wenu; sekuyisikhathi sokumfuna uJehova, aze afike, anise ukulunga phezu kwenu.
Ngalokho, ngilindeleni,” usho uJehova, “kuze kube lusuku engivuka ngalo ukuba ngiphange, ngokuba kuyisinqumo sami ukubutha izizwe ukuba ngiqoqe imibuso, ukuze ngithulule phezu kwabo intukuthelo yami, lonke ulaka lwami oluvuthayo, ngokuba wonke umhlaba uyakudliwa ngumlilo womhawu wami.
nilindele iNdodana yakhe ivela ezulwini, ayivusa kwabafileyo, uJesu osihlangulisa olakeni oluzayo.
Ngakho bekezelani, bazalwane, ize ifike iNkosi. Bhekani, umlimi uyalindela isithelo somhlaba esiyigugu, ebekezelela sona, size sithole imvula yokuqala neyamuva.