Wayesethi uDavide kuGadi: “Nginosizi kakhulu; masiwele esandleni sikaJehova, ngokuba umusa wakhe mkhulu; kepha esandleni somuntu mangingaweli kuso.”
IsiLilo 3:22 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE ngumusa kaJehova ukuthi asiqediwe, ngokuba ububele bakhe abupheli. IsiZulu 2020 Uthando lwakhe lungunakaphakade, ububele bakhe abunamukhawulo. Contemporary Zulu Bible 2024 Kungenxa yobubele bukaJehova ukuthi asiqedwa, ngokuba ububele bakhe abupheli. |
Wayesethi uDavide kuGadi: “Nginosizi kakhulu; masiwele esandleni sikaJehova, ngokuba umusa wakhe mkhulu; kepha esandleni somuntu mangingaweli kuso.”
Nokho ngomusa wakho omkhulu awubaqothulanga, awubashiyanga, ngokuba unguNkulunkulu onomusa nobumnene.
Ungayifihleli inceku yakho ubuso bakho, ngokuba ngiyahlupheka; shesha ungiphendule.
Umusa wayo unqamukile njalo yini na? Isithembiso siphelile yini ezizukulwaneni ngezizukulwane na?
Kepha yena enesihawu wathethelela ububi babo, akabhubhisanga; yebo, wabamba kaningi intukuthelo yakhe, akavusanga lonke ulaka lwakhe.
Kepha wena Nkosi unguNkulunkulu ohawukelayo, onomusa nokubekezela, uvame ubumnene nokuthembeka.
Hamba umemezele lawa mazwi ngasenyakatho, uthi: “ ‘Buya wena Israyeli ohlehlayo,’ usho uJehova; ‘angiyikuninyakamela, ngokuba nginomusa,’ usho uJehova; ‘angiyakugcina intukuthelo kuze kube phakade.
Ngokuba mina nginawe,’ usho uJehova, ‘ukuba ngikusindise, ngokuba ngiyakuqeda ngokupheleleyo zonke izizwe engikuhlakazele kuzo, kepha wena angiyikukuqeda, kodwa ngiyakukulaya ngokwahlulela, ngingakwenzi ube ngongenacala.’
U-Efrayimi uyindodana yami yini eyigugu kimi, ungumntwana othandekayo na? Ngokuba njalo lapho ngikhuluma okubi ngaye, ngisamkhumbula nokumkhumbula; ngalokho izibilini zami ziyamhawukela; ngiyakuba nesihe impela kuye,” usho uJehova.
Kepha kuyo iNkosi, uNkulunkulu wethu, kukhona umusa nokuthethelela; ngokuba simhlubukile,