Baphi onkulunkulu bakho ozenzele bona na? Mabavuke, uma bengakusindisa ngesikhathi sokuhlupheka kwakho, ngokuba njengomumo wemizi yakho, banjalo onkulunkulu bakho, Juda.
IsiLilo 1:19 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Ngazibiza izithandwa zami, zangikhohlisa. Abapristi bami namalunga ami bafela emzini, besafuna ukudla ukuba babuyise umphefumulo wabo. IsiZulu 2020 “Izithandwa zami ngazibiza, zona zangikhohlisa. Abaphristi namalunga ami bafele emzini, bezama ukufuna ukudla ukuze basimamise ukuphila kwabo. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngabiza izithandwa zami, kodwa zangikhohlisa; |
Baphi onkulunkulu bakho ozenzele bona na? Mabavuke, uma bengakusindisa ngesikhathi sokuhlupheka kwakho, ngokuba njengomumo wemizi yakho, banjalo onkulunkulu bakho, Juda.
Zonke izithandwa zakho zikukhohliwe, azisakufuni, ngokuba ngikushayile ngokushaywa kwezitha, ngokulaywa kononya, ngenxa yobuningi bokona kwakho, nangokuba izono zakho zandile.
Lapho usuchithiwe, uyakwenzani na? Noma wembatha okubomvu, noma uzivunulisa ngezivunulo zegolide, noma ugqaba amehlo akho ngomuthi, uzenza muhle ngeze; izithandwa zakho ziyakudelela, zifuna ukukubulala.
Yeka ukuhlala kodwa komuzi owawunabantu abaningi! Usungumfelokazi owawunezizwe eziningi. Owawuyinkosikazi phakathi kwezifunda usungobuswayo.
Bonke abantu balo bayabubula, befuna isinkwa sabo; banika okumnandi kwabo ngokudla ukuba babuyise umphefumulo. Bheka, Jehova, ubhekisise, ngokuba ngiyadelelwa.
Uyakhala nokukhala ebusuku, izinyembezi zawo zisezihlathini zawo; kawunamduduzi phakathi kwazo zonke izithandwa zawo; bonke abangane bawo bawuphathe ngenkohliso, sebe yizitha zawo.
“Bheka, Jehova, ubone ukuthi wenzile kanjalo kubani. Abesifazane bayakudla yini izithelo zabo, izingane eziphathiweyo kahle, na? Abaprofethi nabapristi bayakubulawa endlini engcwele yeNkosi, na?
Amehlo ethu ayaphela ukubheka usizo lwethu oluyize; ekulindeni kwethu silindela isizwe esingenakusindisa.