IsiLilo 1:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Iziphambeko zami zaboshwa ngesandla sakhe, zaba yijoka; zalukwa, sezisentanyeni yami; wakhubekisa amandla ami. INkosi inginikele esandleni sabo engingenakumelana nabo. IsiZulu 2020 “Iziphambeko zami ziboshelwe ejokeni ngesandla sakhe, waziphica ndawonye wazibeka entanyeni yami; wanqinda namandla ami. USimakade unginikele ezandleni zalabo engingakwazi ukumelana nabo. Contemporary Zulu Bible 2024 Ijoka leziphambeko zami liboshwe ngesandla sakhe; Uwisile amandla ami, uJehova unginikele esandleni sabo, engingenakusukuma kubo. |
ukuthi ngiyakumaphula owase-Asiriya ezweni lami, ngimnyathele phansi ezintabeni zami; bese lisuka kubo ijoka lakhe, nomthwalo wakhe usuke emahlombe abo.”
Ngabathukuthelela abantu bami, ngalingcolisa ifa lami, ngalinikela esandleni sakho; awubahawukelanga, walenza ijoka lakho ukuba lisinde kakhulu phezu kwabadala.
bheka, ngiyakuthumela, ngilande yonke imindeni yasenyakatho,” usho uJehova, “noNebukadinesari, inkosi yaseBabele, inceku yami, ngibehlisele phezu kwaleli zwe nabakhileyo kulo, naphezu kwazo zonke lezi zizwe nxazonke, ngibaqalekise, ngibenze babe yisimangaliso nento encimfelwayo, nencithakalo ephakade.
Ngakhuluma kuSedekiya inkosi yakwaJuda njengawo onke lawa mazwi, ngathi: “Bekani izintamo zenu phansi kwejoka lenkosi yaseBabele, niyikhonze, yona nabantu bayo, niphile.
“ ‘ “Kuyakuthi isizwe nombuso okungayikumkhonza yena, uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, kungabeki intamo yakho phansi kwejoka lenkosi yaseBabele, leso sizwe ngisijezise, usho uJehova, ngenkemba, nangendlala, nangesifo, ngize ngisiqede ngesandla sakhe.
“Hamba usho kuHananiya, uthi: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Uwaphulile amajoka omuthi, kepha uyakwenza amajoka ensimbi esikhundleni sawo.
Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Ngibeke ijoka lensimbi entanyeni yazo zonke lezi zizwe ukuba zimkhonze uNebukadinesari inkosi yaseBabele; yebo, ziyakumkhonza; futhi ngimnike nezilwane zasendle.’ ”
lapho uSedekiya inkosi yakwaJuda ebemvalele khona ngokuthi: “Uprofethelani uthi: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Bheka, ngiyakuwunikela lo muzi esandleni senkosi yaseBabele, iwuthathe,
yona imyise uSedekiya eBabele, abe khona lapho ngize ngimhambele, usho uJehova; noma nilwa namaKaledi, aniyikuphumelela na?’ ”
uSedekiya inkosi wathumela wamlanda; inkosi yambuza ngasese endlini yayo, yathi: “Kukhona izwi elivela kuJehova na?” UJeremiya wathi: “Likhona.” Wathi futhi: “Uyakunikelwa esandleni senkosi yaseBabele.”
Ngiyakunikhipha phakathi kwawo, ngininikele esandleni sabafokazi, ngahlulele phakathi kwenu.
Ngiyakuthulula phezu kwakho intukuthelo yami, ngikufuthe ngomlilo wolaka lwami, ngikunikele ezandleni zabantu abanonya, abayizingcweti zokuchitha.
“Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngiyakukunikela esandleni sabo obazondayo, esandleni sabo umphefumulo wakho owahlukene nabo,
bheka, ngalokho ngiyakukunikela kwabasempumalanga, ube yifa labo, bamise amakamu* abo phakathi kwakho, babeke amakhaya abo kuwe, badle isithelo sakho, baphuze ubisi lwakho.
bheka, ngalokho ngiyakwelulela isandla sami kuwe, ngikunikele ukuba ube yimpango yezizwe, ngikunqume kubantu, ngikuchithe emazweni, ngikuqothule, wazi ukuthi nginguJehova.’ ”
Ngokuba ngiyakuba njengengonyama ku-Efrayimi, nebhongo lengonyama kuyo indlu yakwaJuda; mina yebo, mina ngiyakudwengula, besengimuka; ngiyakususa, kungekho owophulayo.
Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: “Bhekani, ngiceba okubi ngalo mndeni, eningayikukhipha kukho izintamo zenu; futhi ningahambi ngokuzidla, ngokuba lokhu kuyisikhathi esibi.
uyakuzikhonza izitha zakho uJehova ayakuzithuma kuwe ngokulamba, nangokoma, nangobunqunu, nangokuswela izinto zonke, abeke ijoka lensimbi entanyeni yakho, aze akubhubhise.