IsAmbulo 9:19 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba amandla amahhashi asemilonyeni yawo nasemisileni yawo; ngokuba imisila yawo ifana nezinyoka, inamakhanda ona ngawo. IsiZulu 2020 Ngokuba amandla amahhashi ayesemilonyeni nasemisileni yawo, lokhu imisila yawo yayinjengezinyoka, inamakhanda elimaza ngawo. Baasraak Zulu New Testament Bible Ngokuba amandla awo asemlonyeni wawo nasemisileni yawo, ngokuba imisila yawo yayifana nezinyoka, inamakhanda, futhi alimaza ngayo. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba amandla awo asemlonyeni wawo nasemisileni yawo, ngokuba imisila yawo yayifana nezinyoka, inamakhanda, futhi alimaza ngayo. |
ukuze singabe sisaba yizingane, sishukunyiswa okwamaza, sipheshulwa yimimoya yonke yezifundiso ngenkohliso yabantu, ngobuqili obunamacebo okudukisayo;
Sasinemisila efana neyawofezela inezindosi, nasemisileni yaso kukhona amandla aso okona abantu izinyanga eziyisihlanu.
Ngalezo zinhlupho ezintathu kwabulawa okwesithathu kwabantu ngomlilo, nangomusi, nangesibabule, okwaphuma emilonyeni yawo.
Kepha abaseleyo babantu abangabulawanga ngalezo zinhlupho abaphendukanga emisebenzini yezandla zabo ukuba bangakhuleki kuwo amademoni, nezithombe zegolide, nezesiliva, nezethusi, nezamatshe, nezemithi, ezingenakho ukubona, nakuzwa, nakuhamba,