Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




IsAmbulo 9:19 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Ngokuba amandla amahhashi asemilonyeni yawo nasemisileni yawo; ngokuba imisila yawo ifana nezinyoka, inamakhanda ona ngawo.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Ngokuba amandla amahhashi ayesemilonyeni nasemisileni yawo, lokhu imisila yawo yayinjengezinyoka, inamakhanda elimaza ngawo.

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

Ngokuba amandla awo asemlonyeni wawo nasemisileni yawo, ngokuba imisila yawo yayifana nezinyoka, inamakhanda, futhi alimaza ngayo.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Ngokuba amandla awo asemlonyeni wawo nasemisileni yawo, ngokuba imisila yawo yayifana nezinyoka, inamakhanda, futhi alimaza ngayo.

Uka jalj uñjjattʼäta



IsAmbulo 9:19
5 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ilunga nophakemeyo bayikhanda, nomprofethi ofundisa amanga ungumsila.


ukuze singabe sisaba yizingane, sishukunyiswa okwamaza, sipheshulwa yimimoya yonke yezifundiso ngenkohliso yabantu, ngobuqili obunamacebo okudukisayo;


Sasinemisila efana neyawofezela inezindosi, nasemisileni yaso kukhona amandla aso okona abantu izinyanga eziyisihlanu.


Ngalezo zinhlupho ezintathu kwabulawa okwesithathu kwabantu ngomlilo, nangomusi, nangesibabule, okwaphuma emilonyeni yawo.


Kepha abaseleyo babantu abangabulawanga ngalezo zinhlupho abaphendukanga emisebenzini yezandla zabo ukuba bangakhuleki kuwo amademoni, nezithombe zegolide, nezesiliva, nezethusi, nezamatshe, nezemithi, ezingenakho ukubona, nakuzwa, nakuhamba,