Manje ubaba wanithwesa ijoka elisindayo, mina ngiyakwenezela ejokeni lenu; ubaba wanishaya ngeziswebhu, mina ngawofezela.’ ”
IsAmbulo 9:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Sasinemisila efana neyawofezela inezindosi, nasemisileni yaso kukhona amandla aso okona abantu izinyanga eziyisihlanu. IsiZulu 2020 Sasinemisila efana nofezela, inezindonsi; nasemisileni yaso kukhona amandla aso okulimaza abantu izinyanga ezinhlanu. Baasraak Zulu New Testament Bible Zazinemisila efana neyofezela, zinezindosi emisileni yazo, namandla azo okulimaza abantu izinyanga eziyisihlanu. Contemporary Zulu Bible 2024 Zazinemisila efana neyofezela, zinezindosi emisileni yazo, namandla azo okulimaza abantu izinyanga eziyisihlanu. |
Manje ubaba wanithwesa ijoka elisindayo, mina ngiyakwenezela ejokeni lenu; ubaba wanishaya ngeziswebhu, mina ngawofezela.’ ”
yakhuluma kubo njengesiluleko sezinsizwa ngokuthi: “Ubaba walenza ijoka lenu lasinda, mina ngiyakwenezela kulo; ubaba wanishaya ngesiswebhu, mina ngawofezela.”
Wena ndodana yomuntu, ungabesabi, ungesabi namazwi abo, noma amakhakhasi nameva kukuwe, uhlezi phakathi kwawofezela; ungawesabi amazwi abo, ungapheli amandla ngobuso babo, ngokuba bayindlu ehlubukayo.
Ngokuba amandla amahhashi asemilonyeni yawo nasemisileni yawo; ngokuba imisila yawo ifana nezinyoka, inamakhanda ona ngawo.
Kwaphuma isikhonyane emsini, seza emhlabeni, sanikwa amandla njengamandla abanawo ofezela bomhlaba.
Sanikwa ukuba singababulali kepha sibahluphe izinyanga eziyisihlanu; nokuhlushwa kwabo kwaba njengobuhlungu bukafezela, nxa emqosela umuntu.