Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




IsAmbulo 7:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Ngase ngizwa umumo wababekwa uphawu, izinkulungwane eziyikhulu namashumi amane nane, ababekwa uphawu ezizweni zonke zabantwana bakwa-Israyeli:

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Ngase ngizwa ukuthi inani lababekwa uphawu ezizwaneni zonke zakwa-Israyeli babeyizi-144 000:

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

Ngasengisizwa isibalo sababekwa uphawu, kwaphawulwa abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi amane nane ezizweni zonke zabantwana bakwa-Israyeli.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Ngasengisizwa isibalo sababekwa uphawu, kwaphawulwa abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi amane nane ezizweni zonke zabantwana bakwa-Israyeli.

Uka jalj uñjjattʼäta



IsAmbulo 7:4
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wamphumisela ngaphandle, wathi: “Bheka ngasezulwini, ubale izinkanyezi, uma ungazibala.” Wathi kuye: “Kuyakuba njalo inzalo yakho.”


Amatshe ayakuba njengamagama abantwana bakwa-Israyeli, abe yishumi nambili njengamagama abo; njengokuqoshwa kwendandatho yilelo nalelo liyakuba negama lesinye sezizwe eziyishumi nambili.


Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: “Nanku umkhawulo eniyakwahlukanisa ngawo ifa lezwe ngokwezizwe eziyishumi nambili zakwa-Israyeli, uJosefa abe nezabelo ezimbili.


Abasebenza emzini bayakuwulima, bevela ezizweni zonke zakwa-Israyeli.


Amasango omuzi ayakubizwa ngamagama ezizwe zakwa-Israyeli, amasango amathathu abe ngasenyakatho: elinye yisango lakwaRubeni, elinye yisango lakwaJuda, elinye yisango lakwaLevi.


Isiprofetho sezwi likaJehova phezu kwezwe lakwaHadiraki; nalo iDamaseku liyakuba yindawo yokuhlala kwaso, ngokuba uJehova uneso kubantu, ikakhulu kuzo zonke izizwe zakwa-Israyeli,


Wathi kubo uJesu: “Ngiqinisile ngithi kini: Nina eningilandeleyo, ngokuphindukuzalwa lapho iNdodana yomuntu isihlezi esihlalweni senkazimulo yayo, nani niyakuhlala ezihlalweni zobukhosi eziyishumi nambili, nahlulele izizwe eziyishumi nambili zakwa-Israyeli.


“Yathi inceku: ‘Nkosi, sekwenziwe ngokuyala kwakho; kepha isekhona indawo.’


ukuba nidle, niphuze etafuleni lami embusweni wami; niyakuhlala ezihlalweni zobukhosi, nahlulele izizwe eziyishumi nambili zakwa-Israyeli.


ezithemba ukufinyelela kuso izizwe eziyishumi nambili zakithi, zikhonza ngesineke ubusuku nemini; ngalelo themba, nkosi, ngimangalelwa ngabaJuda.


U-Isaya umemeza ngo-Israyeli, uthi: “Nokuba umumo wabantwana bakwa-Israyeli ungangesihlabathi solwandle, yinsali eyakusindiswa,


UJakobe, inceku kaNkulunkulu neyeNkosi uJesu Kristu, uyakhonza kuzo izizwe eziyishumi nambili ezihlakazekileyo.


Ngase ngibona; bheka, iWundlu limi entabeni yaseSiyoni, kumi kanye nalo abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi amane nane, benegama lalo negama likaYise lilotshwe emabunzini abo.


Bahlabelela igama elisha phambi kwesihlalo sobukhosi, naphambi kwezidalwa ezine, namalunga; kepha akubangakho onamandla okufunda lelo gama, kuphela abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi amane nane abathengiweyo emhlabeni.


Esizweni sakwaJuda babekwa uphawu abayizinkulungwane eziyishumi nambili, esizweni sakwaRubeni abayizinkulungwane eziyishumi nambili, esizweni sakwaGadi abayizinkulungwane eziyishumi nambili,


Umumo wezimpi zabakhwele amahhashi wawungukuphindwa kabili kwezinkulungwane eziyishumi ziphindwe kazinkulungwane eziyishumi.