IsAmbulo 6:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE nezinkanyezi zezulu zawela emhlabeni njengomkhiwane uvuthulula umphobo wawo, nxa uzanyazanyiswa ngumoya omkhulu, IsiZulu 2020 izinkanyezi esibhakabhakeni zawela emhlabeni njengomkhiwane uvuthulula amakhiwane awo angakavuthwa, lapho unyakaziswa ngumoya omkhulu, Baasraak Zulu New Testament Bible Izinkanyezi zezulu zawela emhlabeni, njengomkhiwane uvuthulula amakhiwane awo amadala, lapho unyakaziswa ngumoya onamandla. Contemporary Zulu Bible 2024 Izinkanyezi zezulu zawela emhlabeni, njengomkhiwane uvuthulula amakhiwane awo amadala, lapho unyakaziswa ngumoya onamandla. |
Ngokuba izinkanyezi zezulu nawondwenjana bazo akuyikukhanya; ilanga liyakuba mnyama ekuphumeni kwalo, nenyanga ayisayikukhipa ukukhanya kwayo.
Izwe liyalila, lidangele; iLebanoni linamahloni, liyabuna; iSharoni linjengehlane, iBashani neKarmeli kuyavuthulukisa.
Ibandla lonke lasezulwini liyaphela, izulu lisongwe njengomqulu; ibandla lonke liyawa njengokuwa kweqabunga emvinini nanjengokubunileyo emkhiwaneni.
Kwatshelwa indlu kaDavide ukuthi: “I-Aramu limise kwa-Efrayimi.” Yayisiqhaqhazela inhliziyo yakhe nenhliziyo yabantu bakhe njengemithi yasehlathini ithuthumela ngomoya.
Lapho ngikucisha, ngiyakusibekela izulu, ngenze mnyama izinkanyezi, ngimboze ilanga ngefu, inyanga ingakhanyisi ngokukhanya kwayo.
Wamemeza ngamandla, washo kanje, wathi: ‘Gawula umuthi, unqume amagatsha awo, uvuthulule amaqabunga awo, uhlakaze izithelo zawo; izilwane mazisuke phansi kwawo, nezinyoni emagatsheni awo.
Lwakhula kwaze kwaba nasebandleni lasezulwini, lwaphonsa phansi okunye kwebandla, okwezinkanyezi, lwakunyathela.
Ilanga liyakuphenduka ubumnyama, inyanga ibe yigazi, lungakafiki usuku olukhulu nolwesabekayo lukaJehova.
Zonke izinqaba zakho ziyimikhiwane enamakhiwane ayingqalabutho; uma inyakaziswa, awela emlonyeni wodlayo.
“Kepha masinyane emva kosizi lwalezo zinsuku “ ‘ilanga liyakufiphazwa, nenyanga ayiyikukhanya, nezinkanyezi ziyakuwa ezulwini, namandla ezulu ayakuzanyazanyiswa.’
“Kuyakuba khona izibonakaliso elangeni nasenyangeni nasezinkanyezini; nasemhlabeni usizi luyakwehlela izizwe, zixakeke ngokuduma kolwandle namaza,
Ingelosi yesihlanu yayisibetha; ngase ngibona inkanyezi ivela ezulwini, iwela emhlabeni, yanikwa isihluthulelo somgodi wakwalasha.