ngokuba babephambene namazwi kaNkulunkulu, babesidelele isiluleko soPhezukonke.
IsAmbulo 3:18 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE ngiyakululeka ukuba uthenge kimi igolide elihlanzwe ngomlilo ukuze ucebe, nezingubo ezimhlophe ukuze wembathe, kungabonakali ihlazo lobuze bakho nomuthi wamehlo wokugcoba amehlo akho ukuba ubone. IsiZulu 2020 Ngiyakweluleka ukuba uthenge igolide elihlanzwe ngomlilo kimi ukuze ucebe, nezingubo ezimhlophe ukuba wembathe, lingabonakali ihlazo lobuze bakho, futhi uthole nomuthi wokugcoba amehlo akho ukuze ubone. Baasraak Zulu New Testament Bible Ngiyakululeka ukuba uthenge kimi igolide elicwengisiswe emlilweni, ukuze ucebe; nezingubo ezimhlophe, ukuze wembathe, kungabonakali ihlazo lobunqunu bakho; nomuthi wamehlo uwugcobe amehlo akho, ukuze ubone. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngiyakululeka ukuba uthenge kimi igolide elicwengisiswe emlilweni, ukuze ucebe; nezingubo ezimhlophe, ukuze wembathe, kungabonakali ihlazo lobunqunu bakho; nomuthi wamehlo uwugcobe amehlo akho, ukuze ubone. |
ngokuba babephambene namazwi kaNkulunkulu, babesidelele isiluleko soPhezukonke.
Ngizakukufundisa, ngikubonise indlela ozakuhamba ngayo; ngizakukululeka ngeso lami.
Ubuze bakho buyakwambulwa, yebo, ubunqunu bakho buyakubonakala; ngiyakuphindisa, ngingayeki muntu.
“We nina nonke enomileyo, wozani emanzini; nani eningenamali wozani nithenge, nidle; wozani nithenge ngaphandle kwemali, yebo, iwayini nobisi, kungabizwa lutho.
Abaningi abalele emhlabathini wothuli bayakuvuka, abanye bavukele ukuphila okuphakade, abanye ihlazo nokunengwa okuphakade.
Dlulani nina enakhileyo eShafiri ngobunqunu nangehlazo; abakhe eSawanani abaphumi; ukukhala kwaseBeti Eseli akunivumeli ukuhlala khona.
“Bheka, ngimelene nawe,” usho uJehova Sebawoti; “ngiyakuphakamisa imiphetho yakho ebusweni bakho, ngibonise izizwe ubunqunu bakho, nemibuso ihlazo lakho.
Siyakuhlala sicwengisisa sihlanza isiliva, sihlambulule amadodana kaLevi, siwahluze njengegolide nesiliva, aze anikele ngeminikelo kuJehova ngokulunga.
“Umbuso wezulu ufana nengcebo efihlwe ensimini, yafunyanwa ngumuntu, wayithukusa; ngokuthokoza kwakhe uyahamba, athengise ngakho konke anakho, athenge leyo nsimu.
“Kepha ezihlakaniphileyo zaphendula zathi: ‘Qha, funa angasaneli thina nani. Okungcono hambani niye kwabathengisayo, nizithengele.’
ngokuba niyawazi umusa weNkosi yethu uJesu Kristu ukuthi, nakuba ecebile, waba mpofu ngenxa yenu, ukuze ngobumpofu bakhe nicebe nina.
Yizwani, bazalwane bami abathandekayo. UNkulunkulu akakhethanga yini abampofu ezweni babe ngabacebileyo ekukholweni nezindlalifa zombuso awuthembisa bona abamthandayo na?
ukuze ukuvivinywa kokukholwa kwenu okuyigugu kunegolide elibhubhayo noma livivinywa ngomlilo kufunyanwe kube ngukubongwa, nodumo, nokutuseka ekwambulweni kukaJesu Kristu;
Bheka, ngiyeza njengesela; ubusisiwe olindayo, alonde izingubo zakhe ukuba angabi ngohamba ze, baze balibone ihlazo lakhe.
wanikwa ukuba embathe ilineni elicolekileyo nelikhazimulayo nelihlanzekileyo,” ngokuba ilineni elicolekileyo liyizenzo ezilungileyo zabangcwele.
Ngiyakwazi ukuhlupheka kwakho nobumpofu bakho – kanti ucebile – nenhlamba yabathi bangabaJuda bengesibo, kodwa beyisinagoge* likaSathane.
Ngokuba uthi: ‘Ngicebile, kangiswele lutho,’ kanti kawazi ukuthi ungolusizi, nowokuhawukelwa, nompofu, nophuphuthekayo, nohamba ze;
Nesihlalo sobukhosi sasihaqiwe yizihlalo zobukhosi ezingamashumi amabili nane, naphezu kwezihlalo zobukhosi kwakuhlezi amalunga angamashumi amabili nane, embethe izingubo ezimhlophe, enemiqhele yegolide emakhanda awo.
Elinye lamalunga lase liphendula, lithi kimi: “Laba abembethe izingubo ezimhlophe bangobani, bavelaphi, na?”