lithi: “Lokhu okubonayo kulobe encwadini, ukuthumele kuwo amabandla ayisikhombisa, e-Efesu, naseSmirna, nasePhergamu, naseThiyathira, naseSardesi, naseFiladelfiya, naseLawodikeya.”
IsAmbulo 22:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Bheka, ngiyeza masinyane. Ubusisiwe ogcina amazwi esiprofetho sale ncwadi.” IsiZulu 2020 “Bheka, ngiyeza masinyane. Ubusisiwe ogcina amazwi esiphrofetho sale ncwadi.” Baasraak Zulu New Testament Bible Bheka, ngiyeza masinyane; ubusisiwe ogcina amazwi esiprofetho sale ncwadi. Contemporary Zulu Bible 2024 Bheka, ngiyeza masinyane; ubusisiwe ogcina amazwi esiprofetho sale ncwadi. |
lithi: “Lokhu okubonayo kulobe encwadini, ukuthumele kuwo amabandla ayisikhombisa, e-Efesu, naseSmirna, nasePhergamu, naseThiyathira, naseSardesi, naseFiladelfiya, naseLawodikeya.”
Ubusisiwe ofundayo nabo abawezwayo amazwi alesi siprofetho, bagcine okulotshiweyo kuso, ngokuba isikhathi siseduze.
Bheka, ngiyeza njengesela; ubusisiwe olindayo, alonde izingubo zakhe ukuba angabi ngohamba ze, baze balibone ihlazo lakhe.
Ngakho-ke phenduka; uma kungenjalo, ngiyeza kuwe masinyane, ngiyakulwa nabo ngenkemba yomlomo wami.
“Bheka, ngiyeza masinyane, nomvuzo wami unami ukumnika yilowo nalowo njengokomsebenzi wakhe.
Ngiyafakaza mina kubo bonke abezwayo amazwi esiprofetho sale ncwadi; uma ekhona owenezela kulokhu, uNkulunkulu uyakwenezela kuye izinhlupho ezilotshiwe kule ncwadi;
futhi uma ekhona osusa utho kuwo amazwi encwadi yalesi siprofetho, uNkulunkulu uyakususa isabelo sakhe emthini wokuphila, nasemzini ongcwele, nakulokhu okulotshiwe kule ncwadi.
“Ngiyeza masinyane; bambisisa lokho onakho, ukuze kungabikho muntu okwamuka umqhele wakho.
ngakho-ke khumbula ukuthi wamukele wezwa kanjani, kugcine, uphenduke. Ngokuba uma ungalindi, ngiyakuza kuwe njengesela, kawusoze walazi ihora engiyakuza ngalo kuwe.