Walinganisa ubude bokuphakathi: yizingalo ezingamashumi amabili; nobubanzi: yizingalo ezingamashumi amabili phambi kwethempeli; wathi kimi: “Lokhu kuyindawo engcwele kakhulu.”
IsAmbulo 21:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Umuzi umi unezinhlangothi ezine, nobude bawo bungangobubanzi bawo. Walinganisa umuzi ngohlanga, amastadiyu* ayizinkulungwane eziyishumi nambili, ubude nobubanzi nokuphakama kwawo kulingene. IsiZulu 2020 Umuzi wawunezinhlangothi ezine, ubude bawo bulingana nobubanzi bawo. Wawukala umuzi ngenduku; ubude, ububanzi, nokuphakama kwawo kwakulingana, kungamastadiyu ayizi-12 000. Baasraak Zulu New Testament Bible Umuzi wawunezinhlangothi ezine ezilinganayo, ubude bawo bungangobubanzi bawo; walinganisa umuzi ngohlanga, amastadiyu ayizinkulungwane eziyishumi nambili. ubude nobubanzi nokuphakama kwawo kuyalingana. Contemporary Zulu Bible 2024 Umuzi wawunezinhlangothi ezine ezilinganayo, ubude bawo bungangobubanzi bawo; walinganisa umuzi ngohlanga, amastadiyu ayizinkulungwane eziyishumi nambili. Ubude nobubanzi nokuphakama kwawo kuyalingana. |
Walinganisa ubude bokuphakathi: yizingalo ezingamashumi amabili; nobubanzi: yizingalo ezingamashumi amabili phambi kwethempeli; wathi kimi: “Lokhu kuyindawo engcwele kakhulu.”
Wayilinganisa ezinhlangothini zozine; yayinogange nxazonke, ubude balo buyizingalo ezingamakhulu ayisihlanu, nobubanzi buyizingalo ezingamakhulu ayisihlanu ukwahlukanisa phakathi kokungcwele nokungengcwele.
“Nxazonke kuyakuba yizingalo eziyizinkulungwane eziyishumi nesishiyagalombili. “Igama lomuzi kusukela kulolu suku liyakuthiwa UJEHOVA ULAPHA.”
Owayekhuluma nami wayenohlanga lwegolide ukuba alinganise umuzi, namasango awo, nogange lwawo.
Walinganisa ugange lwawo, izingalo eziyikhulu namashumi amane nane, yisilinganiso somuntu esingesengelosi.