Wangiyisa khona; bheka, umuntu osimo sakhe sasinjengesimo sethusi, ephethe intambo yefilakisi* esandleni sakhe, nohlanga lokulinganisa, wayemi esangweni.
IsAmbulo 21:15 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Owayekhuluma nami wayenohlanga lwegolide ukuba alinganise umuzi, namasango awo, nogange lwawo. IsiZulu 2020 Owayekhuluma nami wayephethe induku yegolide yokulinganisa, ayezolinganisa ngayo umuzi, amasango awo, nogange lwawo. Baasraak Zulu New Testament Bible Owayekhuluma nami wayenohlanga lwegolide ukuba alinganise umuzi, namasango awo, nogange lwawo. Contemporary Zulu Bible 2024 Owayekhuluma nami wayenohlanga lwegolide ukuba alinganise umuzi, namasango awo, nogange lwawo. |
Wangiyisa khona; bheka, umuntu osimo sakhe sasinjengesimo sethusi, ephethe intambo yefilakisi* esandleni sakhe, nohlanga lokulinganisa, wayemi esangweni.
Ngaphakamisa amehlo ami, ngabona; bheka, nango umuntu enentambo yokulinganisa esandleni sakhe.
Ngathi: “Uya ngaphi?” Wathi kimi: “Ngiya ukulinganisa iJerusalema, ngibone ukuthi bungakanani ububanzi balo, bungakanani nobude balo.”
unogange olukhulu noluphakemeyo, unamasango ayishumi nambili, nasemasangweni kukhona izingelosi eziyishumi nambili, kulotshwe kuwo amagama angawezizwe eziyishumi nambili zabantwana bakwa-Israyeli;
Umuzi umi unezinhlangothi ezine, nobude bawo bungangobubanzi bawo. Walinganisa umuzi ngohlanga, amastadiyu* ayizinkulungwane eziyishumi nambili, ubude nobubanzi nokuphakama kwawo kulingene.
Amasango ayishumi nambili ayengamaparele* ayishumi nambili; yilelo nalelo sango ngalinye laliyiparele linye. Isitaladi somuzi sasiyigolide elicwengekileyo, linjengengilazi ekhanyayo.