Mhlawumbe indlu yakwaJuda iyakuzwa konke okubi engicabanga ukukwenza kuyo ukuba ibuye, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi, ngiyithethelele amacala ayo nezono zayo.”
IsAmbulo 2:22 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bheka, ngiyamphonsa embhedeni, nabaphinga naye ngibaphonsa ekuhluphekeni okukhulu, uma bengaphenduki emisebenzini yakhe; IsiZulu 2020 Manje ngimphonsa embhedeni nalabo abaphinga naye, ngibaphonsa ekuhluphekeni okukhulu, ngaphandle kokuba baphenduke emisebenzini yakhe. Baasraak Zulu New Testament Bible Bheka, ngiyakumphonsa embhedeni, abaphinga naye ngibaphonse osizini olukhulu, uma bengaphenduki emisebenzini yabo. Contemporary Zulu Bible 2024 Bheka, ngiyakumphonsa embhedeni, abaphinga naye ngibaphonse osizini olukhulu, uma bengaphenduki emisebenzini yabo. |
Mhlawumbe indlu yakwaJuda iyakuzwa konke okubi engicabanga ukukwenza kuyo ukuba ibuye, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi, ngiyithethelele amacala ayo nezono zayo.”
bakuphathe ngenzondo, basuse yonke inzuzo yakho, bakushiye uze, unqunu, kwambulwe ubunqunu bobufebe bakho, kanye nokungcola kwakho nobufebe bakho.
Yisho kubo, uthi: ‘Kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, angithokozi ngokufa komubi, kuphela ngokubuya komubi endleleni yakhe aze aphile. Buyani, buyani ezindleleni zenu ezimbi; niyakufelani nina ndlu yakwa-Israyeli na?’
Ngathi: ‘Nokho uyakungesaba, wamukele ukulaywa.’ Indawo yawo yokuhlala ayiyikunqunywa, kungenzeki konke engiwumisele khona; kepha bavuka ekuseni, benza okubi.
funa kuthi ekufikeni kwami futhi uNkulunkulu wami angithobise phambi kwenu, ngililele abaningi abakade bonile, bengaphendukanga kukho ukungcola nobufebe namanyala abakwenzileyo.
afeba naso amakhosi omhlaba, nabakhileyo emhlabeni badakiswa yiwayini lobufebe baso.”
ngokuba izizwe zonke ziphuzile iwayini lobufebe balo, namakhosi omhlaba afebile nalo, nabathengisi bomhlaba bacebile ngamandla okutamasa kwalo.”
“Amakhosi omhlaba ayefeba nalo ehlala ngokutamasa ayakukhala ambongoze ngalo, nxa ebona umusi wokusha kwalo,
ngakho khumbula lapho uwe khona, uphenduke, wenze imisebenzi yakuqala; uma kungenjalo, ngiyeza kuwe, ngilususe uthi lwesibani sakho endaweni yalo, uma ungaphenduki.