bheka, inkazimulo kaJehova ka-Israyeli yavela ngasempumalanga, izwi lakhe lalinjengokuholoba kwamanzi amaningi, umhlaba wakhanya ngenkazimulo yakhe.
IsAmbulo 18:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Emva kwalokho ngabona enye ingelosi yehla ezulwini, inamandla amakhulu, nomhlaba wakhanyiswa ngokukhazimula kwayo. IsiZulu 2020 Emveni kwalokho ngabona enye ingelosi yehla ezulwini, inamandla amakhulu, umhlaba wakhanyiswa yinkazimulo yayo. Baasraak Zulu New Testament Bible Emva kwalokho ngabona enye ingelosi yehla ezulwini, inamandla amakhulu; futhi umhlaba wakhanyiswa ngenkazimulo yakhe. Contemporary Zulu Bible 2024 Emva kwalokho ngabona enye ingelosi yehla ezulwini, inamandla amakhulu; futhi umhlaba wakhanyiswa ngenkazimulo yakhe. |
bheka, inkazimulo kaJehova ka-Israyeli yavela ngasempumalanga, izwi lakhe lalinjengokuholoba kwamanzi amaningi, umhlaba wakhanya ngenkazimulo yakhe.
Ngokuba njengonyazi, nxa lunyazima kwenye indawo phansi kwezulu, lukhanya luze lufike kwenye indawo phansi kwezulu, yoba njalo iNdodana yomuntu ngosuku lwayo.
Lapho-ke uzakwambulwa lowo ongenamthetho, eyakumqeda iNkosi uJesu Kristu ngomoya womlomo wayo, imchithe ngokubonakala kokufika kwayo,
Ngase ngibona enye ingelosi enamandla yehla ezulwini yembethe ifu, nothingo lwenkosikazi lwaluphezu kwekhanda layo, nobuso bayo babunjengelanga, nezinyawo zayo zinjengezinsika zomlilo,
Kwase kuza enye yezingelosi eziyisikhombisa ezazinezitsha eziyisikhombisa, yakhuluma nami, yathi: “Woza lapha, ngikutshengise ukwahlulelwa kwesifebe esikhulu esihlezi phezu kwamanzi amaningi,
Yayisithi kimi ingelosi: “Umangalelani na? Ngizakukutshela imfihlakalo yowesifazane neyesilo esimthweleyo, esinamakhanda ayisikhombisa nezimpondo eziyishumi.
Umuzi awudingi ilanga nenyanga ukuba kukhanye kuwo, ngokuba inkazimulo kaNkulunkulu iyawukhanyisa, nesibani sawo siyiWundlu.