Makabongwe uJehova uNkulunkulu wawobaba obeke enhliziyweni yenkosi ukuhlobisa indlu kaJehova eseJerusalema,
IsAmbulo 17:17 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE ngokuba uNkulunkulu ukufakile ezinhliziyweni zazo ukuba zenze umqondo wakhe, ziwenze umqondo munye, zinike isilo umbuso wazo, aze agcwaliseke amazwi kaNkulunkulu. IsiZulu 2020 Ngokuba uNkulunkulu ufakile ezinhliziyweni zazo ukuba zifeze okuyisinqumo sakhe, zikwenze zimqondo munye, zinike isilo umbuso wazo, aze agcwaliseke amazwi kaNkulunkulu. Baasraak Zulu New Testament Bible Ngokuba uNkulunkulu ukufakile ezinhliziyweni zazo ukuba zenze intando yakhe, zibe munye, zinike isilo umbuso wazo, aze agcwaliseke amazwi kaNkulunkulu. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba uNkulunkulu ukufakile ezinhliziyweni zazo ukuba zenze intando yakhe, zibe munye, zinike isilo umbuso wazo, aze agcwaliseke amazwi kaNkulunkulu. |
Makabongwe uJehova uNkulunkulu wawobaba obeke enhliziyweni yenkosi ukuhlobisa indlu kaJehova eseJerusalema,
Wayiguqula inhliziyo yabo ukuba bazonde abantu bakhe, baphathe izinceku zakhe ngobuqili.
Kukhona amacebo amaningi enhliziyweni yomuntu, kepha isiluleko sikaJehova siyakuma.
Inhliziyo yenkosi isesandleni sikaJehova njengemifula yamanzi; uyayiphendulela lapho ethanda khona.
Kepha u-Israyeli uyakusindiswa nguJehova ngokusindiswa okuphakade; aniyikujabha, aniyikuba namahloni kuze kube phakade.
Ngiyakwenza nabo isivumelwano esiphakade, ukuze ngingabuyi ekubalandeleni, ngibenzele okuhle, ngibeke ezinhliziyweni zabo ukungesaba, ukuze bangasuki kimi.
Ngezwa umuntu owembethe ilineni, owayephezu kwamanzi omfula; waphakamisela isandla sakhe sokunene nesandla sakhe sokhohlo ezulwini, wamfunga ophila kuze kube phakade ukuthi kuyakuba ngokwesikhathi, nezikhathi, nenxenye, nalapho sebeqedile ukuphohloza amandla abantu abangcwele, zonke lezo zinto ziyakuqedwa.
Ngokuba iNdodana yomuntu isihamba njengokumisiweyo, kepha maye kulowo muntu ekhashelwa ngaye!”
Ngokuba ngithi kini: Kumelwe ukugcwaliseka kimi lokho okulotshiweyo kokuthi: ‘Wabalwa kanye nezelelesi;’ ngokuba okuqondene nami sekuyaphelela.”
Uma wathi bangonkulunkulu bona eleza kubo izwi likaNkulunkulu – nombhalo ungeqiwe –
“Angikhulumi ngani nonke; ngiyabazi engibakhethileyo; kodwa nga kugcwaliseka umbhalo othi: “ ‘Odla isinkwa sami ungiphakamisele isithende sakhe.’
Sekudliwa, uSathane esekufake enhliziyweni kaJuda Iskariyothe kaSimoni ukuba amkhaphele,
Ngakho-ke akhuluma odwa, athi: “Asingalidabuli, kodwa asilenzele inkatho yokuthi liyakuba ngelikabani,” ukuze kugcwaliseke umbhalo othi: “Babelana izingubo zami, benzelana inkatho ngesambatho sami.” Lokho-ke akwenza amabutho.
Emva kwalokho uJesu, ekwazi ukuthi konke sekuphelelisiwe ukuba umbhalo ugcwaliseke, wathi: “Ngomile.”
kepha ngezinsuku zezwi lengelosi yesikhombisa, lapho isizakubetha icilongo, imfihlakalo kaNkulunkulu isiyakube ifeziwe, njengalokho azazisa izinceku zakhe abaprofethi ngezindaba ezijabulisayo.”
Ngase ngibona esinye isibonakaliso ezulwini esikhulu nesimangalisayo: izingelosi eziyisikhombisa zinezinhlupho eziyisikhombisa zokugcina, ngokuba kwapheleliswa ngazo ulaka lukaNkulunkulu.
Yayisithi kimi: “Loba ukuthi: ‘Babusisiwe abamenyelwe esidlweni somshado weWundlu.’ ” Yayisithi kimi: “Lawo angamazwi aqinisileyo kaNkulunkulu.”
Base benikwa, kwaba yilowo nalowo ingubo ende emhlophe, kwashiwo kubo ukuba baphumule isikhashana, baze baphelele abayizinceku kanye nabo nabazalwane babo ababezakubulawa njengabo.