IsAmbulo 16:21 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Isichotho esikhulu esisinda njengetalenta* sivela ezulwini sehlela phezu kwabantu; abantu bamhlambalaza uNkulunkulu ngenxa yohlupho lwesichotho, ngokuba uhlupho lwaso lulukhulu kakhulu. IsiZulu 2020 Abantu bahlaselwa yisichotho esikhulu esasisinda ngangethalenta, sivela ezulwini. Abantu bahlambalaza uNkulunkulu ngenxa yenhlupheko yesichotho, ngokuba yayinkulu kakhulu. Baasraak Zulu New Testament Bible Kwase kwehlela phezu kwabantu isichotho esikhulu sivela ezulwini, ilitshe ngalinye isisindo salo liyitalenta; abantu bahlambalaza uNkulunkulu ngenxa yenhlupho yesichotho; ngoba isifo sawo sasisikhulu kakhulu. Contemporary Zulu Bible 2024 Kwase kwehlela phezu kwabantu isichotho esikhulu sivela ezulwini, ilitshe ngalinye isisindo salo liyitalenta; abantu bahlambalaza uNkulunkulu ngenxa yenhlupho yesichotho; ngoba isifo sawo sasisikhulu kakhulu. |
Bheka, kusasa ngalesi sikhathi ngiyakuwisa isichotho esinzima kakhulu, esingazange sibe khona esingaka eGibithe, selokhu lakhiwa kuze kube manje.
Wayesethi uJehova kuMose: “Yelula isandla sakho ngasezulwini ukuba kuwe isichotho ezweni lonke laseGibithe, phezu kwabantu, naphezu kwazinkomo naphezu kwayo yonke imifino ezweni lonke laseGibithe.”
UJehova uyakulizwakalisa izwi lakhe elidumileyo, abonakalise ukwehla kwengalo yakhe ngokuvutha kolaka lwakhe, nangelangabi lomlilo oqothulayo, ngesivunguvungu, nangesiphepho, nangesichotho.
Bayakudabula izwe bexinekile, belambile; kuyakuthi lapho belamba, bavuke ulaka, bathuke inkosi yabo noNkulunkulu wabo, babheke phezulu.
yisho kwabanamekayo ukuthi luyakuwa; kuyakuwa imvula ekhukhulayo; nina matshe esichotho niyakuwa, nomoya wesivunguvungu uyakuludabula.
“ ‘Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngiyakuludabula ngomoya wesivunguvungu ngokufutheka kwami, kube yimvula ekhukhulayo ngentukuthelo yami, namatshe esichotho ngokufutheka ukuba aluqede.
Kwathi besabalekela u-Israyeli behla eBeti Horoni, uJehova wawisa phezu kwabo amatshe amakhulu, ehla ezulwini, baze bafika e-Azeka, bafa; babe baningi abafa ngesichotho kunababulawa ngu-Israyeli ngenkemba.
Kwase kuvulwa ithempeli likaNkulunkulu elisezulwini, kwabonakala umphongolo wesivumelwano sakhe ethempelini lakhe; kwase kuba khona imibani, namazwi, nokuduma, nokuzamazama komhlaba, nesichotho esikhulu.
futhi bahlambalaza uNkulunkulu wezulu ngenxa yobuhlungu babo nangenxa yezilonda zabo; kepha abaphendukanga emisebenzini yabo.
Abantu bashiswa ngokushiswa okukhulu, kepha bahlambalaza igama likaNkulunkulu onamandla phezu kwalezi zinhlupho, kodwa abaphendukanga ukuba bamdumise.
Eyokuqala yayisibetha; kwase kuba khona isichotho nomlilo kuxutshaniswe negazi, kwaphonswa emhlabeni; okwesithathu komhlaba kwasha kwaqothuka, nokwesithathu kwemithi kwasha kwaqothuka, nabo bonke utshani obuluhlaza basha baqothuka.