Amagwababa amlethela isinkwa nenyama ekuseni, nesinkwa nenyama kusihlwa, waphuza emfudlaneni.
IsAmbulo 12:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Umhlaba wamsiza owesifazane, umhlaba wakhamisa umlomo wawo, wawuminza umfula owawukhwifa udrako ngomlomo wakhe. IsiZulu 2020 Umhlaba wamsiza owesifazane, wavula umlomo wawo, wawugwinya umfula owawukhwifwa wudrago ngomlomo wakhe. Baasraak Zulu New Testament Bible Umhlaba wamsiza owesifazane, umhlaba wavula umlomo wawo, wawugwinya umfula udrako awukhipha emlonyeni wakhe. Contemporary Zulu Bible 2024 Umhlaba wamsiza owesifazane, umhlaba wavula umlomo wawo, wawugwinya umfula udrako awukhipha emlonyeni wakhe. |
Amagwababa amlethela isinkwa nenyama ekuseni, nesinkwa nenyama kusihlwa, waphuza emfudlaneni.
Wayesehamba uHazayeli ukumhlangabeza, wazithathela ngesandla sakhe izipho ezintweni zonke ezinhle zaseDamaseku, imithwalo yamakamela angamashumi amane, weza wema phambi kwakhe, wathi: “Indodana yakho uBeni Hadadi, inkosi yase-Aramu, ingithumile kuwe ngokuthi: ‘Ngiyakusinda kulesi sifo na?’ ”
Nenyoka yakhwifa, kwaphuma emlonyeni wayo emva kowesifazane amanzi kungathi umfula ukuba immukise nomfula.
Udrako wamthukuthelela owesifazane, wamuka, wayokulwa nabaseleyo benzalo yakhe, labo abagcina imiyalo kaNkulunkulu nabanobufakazi bukaJesu.