Umbono wakho konke lokho wawusuba kini njengamazwi encwadi enamathelisiweyo enikwa owazi incwadi ngokuthi: “Ake ufunde lokhu,” abesethi yena: “Angikwazi, ngokuba inamathelisiwe,”
IsAmbulo 10:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Nalapho imidumo eyisikhombisa isikhulumile, ngase ngizakuloba; kepha ngezwa izwi livela ezulwini, lithi: “Namathisela ngophawu okukhulunywe yimidumo eyisikhombisa, kodwa ungakulobi.” IsiZulu 2020 Seyikhulumile imidumo eyisikhombisa, ngase ngizobhala, kodwa ngezwa izwi livela ezulwini, lithi: “Sicilela ngophawu olukhulunywe yimidumo eyisikhombisa, kodwa ungakubhali.” Baasraak Zulu New Testament Bible Kwathi imidumo eyisikhombisa isikhulume amazwi ayo, ngase ngizakuloba, ngezwa ilizwi livela ezulwini lithi kimi: Vala ngophawu lokho okushiwo yimidumo eyisikhombisa, ungakulobi. Contemporary Zulu Bible 2024 Kwathi imidumo eyisikhombisa isikhulume amazwi ayo, ngase ngizakuloba, ngezwa ilizwi livela ezulwini lithi kimi: Vala ngophawu lokho okushiwo yimidumo eyisikhombisa, ungakulobi. |
Umbono wakho konke lokho wawusuba kini njengamazwi encwadi enamathelisiweyo enikwa owazi incwadi ngokuthi: “Ake ufunde lokhu,” abesethi yena: “Angikwazi, ngokuba inamathelisiwe,”
UJehova wathi kimi: “Zithathele isibhebhe esikhulu, ubhale kuso ngokwendlela yomuntu ngokuthi uMahere Shalali Hashi Bazi.*
Kepha wena Daniyeli, gcina amazwi, unamathelise incwadi kuze kube sesikhathini sokugcina; abaningi bayakwehla benyuka, ukwazi kube kuningi.”
Wathi: “Hamba, Daniyeli, ngokuba amazwi avalelwe, anamathelisiwe kuze kube sesikhathini sokugcina.
“Imibono yakusihlwa neyasekuseni esilandiwe iqinisile, kepha gcina wena umbono, ngokuba ungowezinsuku eziningi.”
“Izimfihlakalo zingezikaJehova uNkulunkulu wethu, kepha okwambuliweyo kungokwethu nokwabantwana bethu kuze kube phakade ukuba siwenze onke amazwi alo mthetho.
lithi: “Lokhu okubonayo kulobe encwadini, ukuthumele kuwo amabandla ayisikhombisa, e-Efesu, naseSmirna, nasePhergamu, naseThiyathira, naseSardesi, naseFiladelfiya, naseLawodikeya.”
Izwi engalizwa livela ezulwini lase liphinda likhuluma nami, lithi: “Hamba uye uthabathe incwadi evulekileyo esesandleni sengelosi emi phezu kolwandle naphezu komhlabathi.”
Yathi kimi: “Ungavali ngophawu amazwi esiprofetho sale ncwadi, ngokuba isikhathi siseduze.