Emva kwalokho kwafika izwi likaJehova ku-Abrama ngombono, lithi: “Ungesabi, Abrama, ngiyisihlangu sakho; umvuzo wakho uyakuba mkhulu kakhulu.”
IsAmbulo 1:17 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngathi ukumbona, ngawa ngasezinyaweni zakhe njengofileyo; wayesebeka isandla sakhe sokunene phezu kwami, ethi: “Ungesabi; mina ngingowokuqala nowokugcina, IsiZulu 2020 Lapho ngimbona ngawa phansi ngasezinyaweni zakhe, nganjengofileyo. Wayesebeka isandla sakhe sokunene phezu kwami, ethi: “Ungesabi; Mina ngingowokuqala nowokugcina, Baasraak Zulu New Testament Bible Kwathi ngimbona, ngawa ngasezinyaweni zakhe njengofileyo. Wayesebeka isandla sakhe sokunene phezu kwami, ethi kimi: “Ungesabi; ngingowokuqala nowokugcina; Contemporary Zulu Bible 2024 Kwathi ngimbona, ngawa ngasezinyaweni zakhe njengofileyo. Wayesebeka isandla sakhe sokunene phezu kwami, ethi kimi: “Ungesabi; ngingowokuqala nowokugcina; |
Emva kwalokho kwafika izwi likaJehova ku-Abrama ngombono, lithi: “Ungesabi, Abrama, ngiyisihlangu sakho; umvuzo wakho uyakuba mkhulu kakhulu.”
UMose wathi kubantu: “Ningesabi; qinani, nibone ukusindisa kukaJehova azakunenzela khona namuhla, ngokuba abaseGibithe enibabonile namuhla anisayikubuye nibabone naphakade.”
UMose wayesethi kubantu: “Ningesabi, ngokuba uNkulunkulu uze ukuba anivivinye, ukumesaba kube semehlweni enu, ukuze ningoni.”
Wathi: “NginguNkulunkulu kayihlo, uNkulunkulu ka-Abrahama, noNkulunkulu ka-Isaka, noNkulunkulu kaJakobe; uMose wasitha ubuso bakhe, ngokuba wesaba ukumbheka uNkulunkulu.”
ungesabi, ngokuba mina nginawe; ungapheli amandla, ngokuba mina nginguNkulunkulu wakho; ngiyakuqinisa, futhi ngiyakusiza, yebo, ngiyakusekela ngesandla sokunene sokulunga kwami.
Ngubani okusebenzileyo, wakwenza, na? Nguye owazibiza izizukulwane kwasekuqaleni: mina Jehova engingowokuqala nenginguye nakwabokuphela.”
“Usho kanje uJehova, iNkosi ka-Israyeli, noMhlengi wakhe, uJehova Sebawoti, uthi: Ngingowokuqala, ngingowokugcina, ngaphandle kwami akakho uNkulunkulu.
“Ngilalele, Jakobe, wena Israyeli, obiziweyo wami; ngisenguye, ngingowokuqala, futhi ngingowokugcina.
Njengothingo olusemafwini ngosuku lwemvula kwabonakala kanjalo ukumenyezela nxazonke. Kwakunjengesimo senkazimulo kaJehova. Lapho ngiyibona, ngawa ngobuso, ngezwa izwi lokhulumayo.
Wayesethi kimi: “Ungesabi, Daniyeli, ngokuba kusukela osukwini lokuqala owabeka ngalo inhliziyo yakho ukuqonda nokuzithoba phambi kukaNkulunkulu wakho amazwi akho ezwiwa; mina ngifikile ngenxa yamazwi akho.
Ngiyezwa, kuyathuthumela okuphakathi kwami, izindebe zami ziyaqhaqhazela ngenhlokomo; ukubola kungena emathanjeni ami, ngithuthumela endaweni lapha ngimi khona, ngilindela usuku lokuhlupheka ukuze kukhuphuke lokhu okuyakucindezela abantu.
Kodwa uJesu wakhuluma kubo masinyane, wathi: “Yimani isibindi; yimina, ningesabi.”
Kodwa ingelosi yaphendula, yathi kwabesifazane: “Ningesabi nina; ngokuba ngiyazi ukuthi nifuna uJesu obebethelwe esiphambanweni;
Kwakuhlezi ekudleni omunye wabafundi bakhe uJesu amthandayo, encike esifubeni sikaJesu.
UPetru ephenduka wabona umfundi uJesu amthandayo elandela, oyena futhi wayencike esifubeni sakhe ekudleni, nowathi: “Nkosi, ngubani ozakukukhaphela na?”
lithi: “Lokhu okubonayo kulobe encwadini, ukuthumele kuwo amabandla ayisikhombisa, e-Efesu, naseSmirna, nasePhergamu, naseThiyathira, naseSardesi, naseFiladelfiya, naseLawodikeya.”
UJohane kuwo amabandla ayisikhombisa ase-Asiya: Makube kini umusa nokuthula okuvela kuye okhona nowayekhona nozayo, nakoMoya abayisikhombisa abaphambi kwesihlalo sakhe sobukhosi,
“Mina ngingu-Alfa no-Omega,” kusho iNkosi uNkulunkulu, “okhona nowayekhona nozayo, uMninimandla onke.”
“Nakuyo ingelosi yebandla laseSmirna loba ukuthi: “Nakhu akushoyo owokuqala nowokugcina, owayefile kepha osephila, uthi: